EzintshaMamelodi Sundowns

Kunzima kodwa akukubi, kusho uCardoso ngesimo seDowns

Ukusho lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe libhacazile libhekene ne-Al Hilal emidlalweni kaGroup C. 

ISundowns ibambane ngo 2-2 naleli qembu laseSudan ekhaya, yabe seyishaywe ngo 2–1 ekuhambeni eKigali, eRwanda ngoLwesihlanu ebusuku.

Lo mphumela oyishiye isendaweni yesibili eqoqweni ngamaphuzu amahlanu ngemuva kwemidlalo emine. 

AmaBrazilians asanqobe kanye, adlala ngokulingana kabili abe esehlulwa kanye kuleli qoqo. 

I-Al Hilal yiyona ehlezi phezulu ngamaphuzu ayisishiyagalombili kanti sekusele imidlalo emibili kusongwe isigaba samaqoqo.

Naphezu kwengcindezi, uMiguel Cardoso usanethemba, kanti ugcizelela ukuthi isimo asisibi kangako.

Lo mqeqeshi wasePortugal ufanise isimo nasifica ngesizini edlule, waveza ukuthi iSundowns ibisesimweni efanayo nangesikhathi efika.

“Njengoba ngishilo ngonyaka odlule, lapho ngifika ekilabhini, sasisesimweni esinzima,” kuchaza uCardoso.

“Besidlale imidlalo emibili, sanqoba ekhaya sabe sesihlulwa. Ngemuva komdlalo wesine, sibe namaphuzu amahlanu njengoba kunjali nje namanje.”

UCardoso uthe inhloso yakhe enkulu ngaleso sikhathi kwakuwukusimamisa iqembu nokubuyisela umkhankaso wabo emzileni ofanele.

Leyo ndlela yokwenza yenza iSundowns yangena esigabeni somkhumulajezi futhi yaze yafika kowamanqamu.

Ukholwa ukuthi isimo esifanayo singase senzeke futhi nakulokhu naphezu kwengcindezi enkulu abhekene nayo.

“Kusobala ukuthi usekhona umdlalo okufanele siwudlale futhi sizobona ukuthi kuzokwenzekani.

“Kodwa ngokuqinisekile, inzima. Amaphuzu amahlanu awanele,” kwengeza lomqeqeshi oke wacija i-Esperance.

Yize umdlalo olandelayo weSundowns uzobaluleka, uMiguel Cardoso akakholwa ukuthi uzonquma isiphetho sabo.

“Umdlalo olandelayo ubaluleke kakhulu… Ngicabanga ukuthi leli qoqo lizocaca kahle emdlalweni wokugcina.”

Njengoba kusele imidlalo emibili, isiphetho seSundowns kwiChampions League sisezandleni zayo.

Umdlalo olandelayo weSundowns kwiChampions League usekuhambeni la izobhekana khona neSt Eloi Lupopo eDR Congo. 

Kodwa ngaphambi kwalokho, inomdlalo weNedbank Cup ezobhekana kuwo neqembu leMotsepe Foundation Championship iGomora United ngoLwesithathu.