EzintshaNedbank Cup

Umlayezo obalukile ngamathikithi omdlalo weNedbank Cup

Emzamweni wokuthuthukisa ezokuphepha nokulwa nokukhwatshaniswa kwamathikithi, kuzosetshenzia inqubomgomo entsha. 

Ngemuva kokuqeda ukukhona, umnikazi wethikithi uzothunyelelwa umlayezo kodwa angabi nayo ibhakhodi. 

Umlayezo uzofundeka kanje: “Ithikithi lakho lizotholakala kuphela kusukela ngo-10/05/2025 ngo-6 ekuseni.”

Lokhu kusho ukuthi ithikithi livumelekile, kodwa ibhakhodi izobonakala kuphela emahoreni ambalwa ngaphambi kokuba kuvulwe amasango eMoses Mabhida Stadium.

Kungani lokhu kubalulekile: 

Lesi silinganiso sisiza ukuvimbela amathikithi omgunyathi noma ukusetshenziswa kwelilodwa kaningi.

Nansi indlela yokufinyelela amathikithi akho uma esetholakala:

Chofoza umlayezo ozongena kwi-email yakho yokuqinisekisa ukuze ubuke ithikithi lakho ledijithali.

Lifake kwi-Google Wallet ukuze ukwazi ukufika kulo ngokushesha uma sewungena enkundleni.

Ayadluliseleka nakubangane noma labo ozobe uhamba nabo ngaleso sikhathi ukuze bakwazi ukungena – sebebenzisa umakhalekhulhwini wabo.

Bonke abalandeli bayanxuswa ukuthi basebenzise lezi zindlela ukuze bangabi nenkinga yokungena enkundleni ngoosuku lomdlalo.

Ngokusho kwe-Open Tickets, amathikithi alo mdlalo we-Nedbank Cup obhekwe ngabomvu zadayise aphela emizuzwini angu-90 kuvuliwe ukudayiswa kwawo ngoMsombuluko.

Uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kanti kuzogadulisana kuwo izinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. 

Kube nesiphithiphithi esibi ngesikhathi kuqala ukudayiswa kwalamathikithi alo mdlalo ngoMsombuluko.

Abantu baphume ngobuningi ukuyiwathenga, kodwa iningi libuye lilambatha njengoba imishini ivele yajama. 

I-Open Tickets ixolisile ngalokhu, yathi isimo senziwe wubuningi babantu abangene kanyekanye befuna ukuthenga lamathikithi.