
Kununuselwa iChiefs noSuthu ngogabhe iStellies
Usezanyelwa emaqenjini amabili amakhulu eBetway Premiership, iKaizer Chiefs naMaZulu FC umdlali osanda kuhlukana neStellenbosch FC.
Kuvela ukuthi u-Ibrahim Jabaar uhlukane naleli qembu laseKapa ngemuva kokungavumelani nabaphathi ngenkontileka entsha.
Ngokombiko weSoccerBeat, abamele lo mdlali odabuka eNigeria basebenzela ukumtholela iqembu elisha ngemuva kokuhlukana kwakhe neStellies.
UJabaar uke wabonakala njengomunye wabadlali abathembisayo ebholeni laseNingizimu Afrika ngenxa yekhono lakhe lokulawula umdlalo nokugqobhoza udonga lwasemuva.
I-Kaizer Chiefs isaqhubeka nokuzingela abadlali abazoyisiza iqinise iqembu ngaphambi kwesizini entsha.
AmaZulu nawo kulindeleke ukuthi enze izinguquko ezinkulu ukuqinisa iqembu.
Akukacaci okwamanje ukuthi yiliphi iqembu elizothatha isinqumo sokumsayinisa, kodwa ukuvela kwegama lakhe eduze kweChiefs naMaZulu kuzovusa isasasa kubalandeli bawo womabili la maqembu.
Uma kukhona iqembu elizomnika ithuba, uJabaar uzobe efuna ukufakazela ukuthi usenalo ikhono lokudlala ezingeni eliphezulu.
- FUNDA NALA | Ubuyela kumnewabo ogajwe yiChiefs
Futhi njengoba i-Kaizer Chiefs kubhekwe ihlukane nabanye babadlali bayo basesiswini, kubhekwe kube yiyo emhlitha kuqala uJabaar.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
