
Kungani uThuso Phala efuna uSipho Mbule kwiChiefs
Owayeyisihlabani seKaizer Chiefs, uThuso Phala useveze ukuthi ungomunye wayebefisa uSipho Mbule ajoyine leli qembu laseNaturaenna esikhundleni se-Orlando Pirates.
UThuso Phala uthi yiKaizer Chiefs ebiwadinga kakhulu amakhono kaSipho Mbule kunezitha zayo ezinkulu ezivele zinabadlali abaningi abahle.
IKaizer Chiefs yanikwa ithuba lokusayina uSipho Mbule ngemuva kokuthi inkontileka yakhe ingavuselelwanga kwiMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule.
Kodwa abaphathi baMakhosi banquma ukungamsayini njengoba bekunezinsolo ezimbi zokungaziphathi kahle ebezimlandela ngaleso sikhathi.
Lokhu kungemuva kokuthi wayexoshwe singakapheli isikhathi ayebolekiswe sona kwiSekhukhune United ngenxa yokungaziphathi kahle.
I-Orlando Pirates yabe seyishesha yamsayinisa, futhi usebe ngomunye wabadlali abenza kahle kuze kube manje, waze wabuyela kwiBafana Bafana.
“Umthelela anawo lapho engena enkundleni… Ahh, uba nomuzwa wokuthi uMaster Chef usekhona futhi sesiyapheka,” kusho uPhala kwi-Omni Sports muva nje.
“Unaogazi, futhi njengmlandeli weChiefs bengimfuna njengomdlali wethu. Ngisho noma iqembu lingenzi kahle, uma esenkundleni kungenzeka noma yini.
“Uhlezi ezokwenza icebo ngoba unokuzethemba nokuzazi ukuthi uma ephethe ibhola angenza izinto zenzeke.”
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Uthe umthelela wakhe bewuzoba mkhulu kakhulu kuMakhosi ngoba bekuzoba nguye yedwa isethenjwa futhi adlale yonke imidlalo.
“Wenza nawe njengozakwabo ube nesibindi, uzethembe bese wenza kahle. KwiChiefs, ngicabanga ukuthi yilokho ebesikudinga.
FUNDA NALA | Kuzoshipha ukotshi koweBafana neRwanda
“UMbule ubezoba mkhulu kakhulu kwiChiefs ngoba iPirates iyakwazi ukunqoba umdlalo ngaphandle kwakhe. Kodwa kwiChiefs ubezoqala yonke imidlalo.”
