
Vilakazi: “ISundowns isiyafathuza — akahambe uCardoso!”
Owayeyisihlabani seMamelodi Sundowns uBenedict ‘Tso’ Vilakazi usegxeke leli qembu“ngokwehlisa izinga lalo”.
Lokhu kulandela ukuphuma kwalo okushaqisayo kwiCarling Knockout Cup, libhuliswa amazolo yiMarumo Gallants.
IMamelodi Sundowns idlale ngokulingana ngo 0-0 neGallants eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ebusuku, yabe seyihlulwa ngo 7-6 sekukhahlelwa amaphenathi.
Futhi manje uTso ukholwa ukuthi leli qembu selilahlekelwe amandla ebelinawo, nabenza lihluke kwamanye amaqembu kuleli.
“Okungikhathazayo kukho konke lokhu ukuthi iSundowns isebenze kanzima ukuze ibe phezulu,” kusho uVilakazi kwi-iDiski TV.
“Kodwa esikhundleni sokuthi amanye amaqembu ayijahe ayifice, iSundowns yiyona eyehlayo ewahlangabezayo ezansi.
“Kufana nokuthi bagibele intaba — bathi sebesesicongweni, babuyela phansi. Akukhona lokho esifuna ukukubona ngeSundowns,” kwengeza uVilakazi.
Le nkakha, eyagqama kakhulu kwi-Orlando Pirates isangumdlali, ikhwele yadilika nakumqeqeshi uMiguel Cardoso.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Igcizelele ukuthi lo somaqhinga odabuka ePortugal usevele wehlulekile ukufeza lokho akubekelwe ngakho noma usengakhonjwa indlela kusemanje.
“IMamelodi Sundowns ibidlalela izindebe ezinhlanu kule sizini — ezimbili (iMTN8 neCarling KO) sezivele zihambile,” kuqhuba uVilakazi.
“Ngendlela edlala ngayo, sesingayikhipha nakwiChampions League, okusho ukuthi isele nezimbili kuphela.
“KwiSundowns, umqeqeshi kumele awine okungenani izindebe ezintathu ngesizini. Lokho kusho ukuthi uCardoso usevele wehlulekile.”
IMamelodi Sundowns bekulindeleke ukuthi iphonsele inselelo kuzo zonke izindebe kule sizini.
FUNDA NALA | Ushintsho lonozinti kwiStellies neChiefs
Kodwa manje ibhekene nengcindezi ekhulayo yokunqoba iNedbank Cup, iBetway Premiership neCaf Champions League.
Uma yehluleka nakulezi zindebe, izoba sengcupheni yehlazo lokuqeda isizini yonke ishwiba izandla okuyinto engasajwayelekile neze kuyo.
