
Kunesikhulu esisha kwiKaizer Chiefs, yini umsebenzi waso?
Isikhulu esisha seKaizer Chiefs uKabelo Bosilong sesenze isethembiso kubalandeli baleli qembu ngemuva kokuthatha isikhundla esibalulekile kuleli qembu laseNaturena.
UBosilong ujoyina iKaizer Chiefs njengFootball Operations Manager futhi umemezele ukuqokwa kwakhe nkwiLinkedIn ngoLwesihlanu.
Uthi ungumlandeli wokuzalwa weChiefs futhi ukusebenzela leli qembu kuwukufezeka kwephupho lakhe.
“Ngijabule kakhulu ukumemezela ukuthi sengithathe isikhundla sokuba yiFootball Operations Manager kwiKaizer Chiefs,” kusho uBosilong.
“Ukusebenzela ikilabhu engikhule ngingumlandeli wayo yinto esho lukhulu kimi.
“Leli thuba liyingqopha-mlando emsebenzini wami, futhi ngizizwa ngihlonipheke kakhulu ukujoyina isikhungo esihlonishwayo futhi esinomlando ocebile nabalandeli abanothando.
“Ngibheke ngabomvu ukufaka isandla ekusebenzeni kweqembu, ukusekela umbono weqembu, nokusiza ekwakheni isisekelo sempumelelo eqhubekayo ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
Sengikulungele ukwamukela le nselelo entsha futhi nginikeze konke okwami kwiKhosi Nation!”
Yini futhi yenzani iFootball Operations Manager?
ILISENETHINI yenze ucwaningo olufushane ukuze ithole okwengeziwe ngesikhundla sikaBosilong eNaturena, nokuthi yini umsebenzi wakhe wansukuzonke.
IFootball Operations Manager iyinsika yokuphathwa kwekilabhu edlala ezigabeni ezikhokhelayo.
Isebenza njengebhuloho phakathi kwabasebenzi bezobuchwepheshe (abaqeqeshi nabadlali) nebhodi eyengamele ikilabhu.
Umgomo wayo ophambili wukuphatha uhlangothi lwezokuphathwa kweqembu ukuze kuqinisekiswe ukuthi konke kuhamba kahle ngaphandle kokuphazamiseka.
Nayi imisebenzi emihlanu emikhulu yeFootball Operations Manager
- Ihlela konke ukuhamba kweqembu, okuhlanganisa izindiza, indawo yokuhlala, nezokuthutha lapho iqembu linemidlalo ekuhambeni noma ikhempu yokuziqeqesha.
- Ukuphatha ukubhaliswa kwabadlali, ukuqinisekisa amaphepha afanele akhona, nokuqinisekisa ukuthi ikilabhu ilandela yonke imithetho yeligi, eyeFifa, nezimvume zokusebenza kuleli sabaqeqeshi nabadlali bangaphandle.
- Ukwengamela ukusebenza kwansuku zonke kusukela enkundleni iqembu elizicijela kuyo, ukuqinisekisa ukuthi odokotela, izinhloli, nabaqeqeshi banawo wonke amathuluzi adingekayo.
FUNDA NALA | OweChiefs uyoqiniswa ukhakhayi kweleNFD
- Ukuphatha isabelomali sokusebenza seqembu lokuqala ukuqinisekisa ukuthi izinsiza ezidingeka nsukuzonke zikhokheliwe.
- Ukuxhumanisa izinhlaka ezehlukene ngaphakathi ekilabhini ukuqinisekisa ukuthi kunokubambisana nokusebenzisana okuhle ngaso sonke isikhathi.
