EzintshaKaizer Chiefs

Kunconywa oweChiefs ‘ngokuvusa’ uChivaviro

Uthi lo dokotela wenza umsebenzi wabo ube lula kakhulu uma kuziwa ekuphathweni kwabadlali.

Umncome kakhulu ngokusiza umgadli uRanga Chivaviro ukuthi akwazi ukudlula kwizinselelo abenazo njengoba izinto bezingamhambeli kahle enkundleni.

UBen Youssef ubekhuluma ngemuva kokuthi iChiefs ishaye iFree Agents FC ngo 4-0 ukuze idlulele emzuliswaneni olandelayo kwiNedbank Cup. 

UChivaviro obedonsa kanzima futhi wazithola esegxekwa kakhulu ngabalandeli kulandela ukuhluleka ukwenza umsebenzi wokushaya amagoli eqenjini.

Kodwa ukwazile ngeSonto ebusuku ukushaya igoli lesine esuka ebhentshini, kanti kwethenjwa ukuthi lizomvuselela, aphinde azethembe.

“Leli goli lizomsiza,” kusho uBen Youssef. “URanga ubeneshwa ngaphambilini, uhlulwe amathuba amaningi. 

“Abagadli balahlekelwa ukuzethemba uma bengawashayi amagoli. 

“Umqeqeshi wethu wengqondo usebenze naye kakhulu, futhi manje leli goli lingamkhulisa. Siyamdinga njengoba isizini iseyinde nje.”

UGericke, ojoyine iChiefs ngo-2023, uke wasebenza neqembu lesizwe lerabhi, amaBhokobhoko. 

U-Ben Youssef uthi ukuba nochwepheshe ofana noGericke kwenza umsebenzi wethimba labaqeqeshi ube lula.

“Usisiza ukuthi siphathe abadlali, ngaphakathi nangaphandle kwenkundla,” kuchaza yena. 

“Sihlangana nsuku zonke naye ukuze sixoxe ngabadlali, futhi ube esesichazela ngomdlali ngamunye. 

“Manje sesiyazi ukuthi abanye badinga ukuthethiswa, abanye badinga ukhulume nabo kahle noma ubabizele eceleni ukhulume nabo. 

“Umsebenzi wakhe wenza ukuxhumana nokuxazulula izinkinga kube lula kakhulu.”

Ithimba labaqeqeshi likholwa ukuthi ukwesekwa uGericke kuyisihluthulelo sokugcina samandla engqondo nokusebenza kweqembu.