EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

IPirates isithathe omunye weSiwelele obemataniswa neChiefs

I-Orlando Pirates iqhubekile nokuthumela umlayezo oqinile ezimbangini zayo njengoba kuvela ukuthi seyisayine omunye umdlali obekade ebhekwe yi-Kaizer Chiefs.

Kubikwa ukuthi iPirates isiqede konke ngokusayina umdlali wasemuva kwesobunxele weSiwelele FC, u-Aphiwe Baliti, oneminyaka engu-24.

UBaliti usengumdlali wesine osuka kwiSiwelele ojoyina ompetha beBetway Premiership kuleli windi lokudayiselana ngabadlali. 

Ulandela uNeo Rapoo, uBohlale Ngwato noGamphani Lungu asebevele baqinisekisiwe yiBucs.

Usayinwa yi-Orlando Pirates nje i-Kaizer Chiefs ibike yabonisa intshisekelo yokumsayinisa ngesizini edlule. 

Kuthiwa umqeqeshi wangaleso sikhathi, uNasreddine Nabi, wayemfuna kakhulu uBaliti kunoPaseka Mako, kodwa ekugcineni iChiefs yagcina ithathe uMako mahhala.

Nokho, yize iPirates isimthathe, kodwa ngokweFARPost uBaliti uzobuyiselwa kwiSiwelele FC ngokubolekiswa ngesizini ezayo ukuze aqhubeke nokuthola isikhathi sokudlala.

Abaphathi bePirates bakholwa ukuthi lo mdlali useyingxenye yezinhlelo zesikhathi eside, ikakhulukazi njengoba uDeon Hotto esesondela ekuthatheni umhlalaphansi.

UBaliti udlale imidlalo engu-41 eqenjini lokuqala kusukela ngesizini ka-2023/24. 

Ngesizini edlule kuphela udlale imidlalo engu-16 kuyo yonke imiqhudelwano.

Khonamanjalo, uRapoo kulindeleke ukuthi alwele indawo noHotto noNkosikhona Ndaba kwesobunxele emuva.

Ukusayiniswa kukaBaliti kwi-Orlando Pirates kungase kushiye abalandeli be-Kaizer Chiefs bezibuza ukuthi ingabe ubaphuthe kanjani bona.