EzintshaOrlando Pirates

Kumvulele ‘upotsho’ welesizwe ukujoyina i-Orlando Pirates

Umdlali we-Orlando Pirates u-Andre de Jong usebuyele ngokusemthethweni eqenjini lesizwe langakubo eNew Zealand. 

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala uqokwe eqenjini labadlali abangu-23 bokugcina le-All Whites.

Leli qembu lizodlala imidlalo emibili ebalulekile – yokulungiselela iNdebe yoMhlaba- ngasekupheleni kwale nyanga.

INew Zealand izosingatha iFinland ngoMashi 27 neChile ngoMashi 30 e-Eden Park e-Auckland. 

Le midlalo ngeyokugcina kuleli qembu lidlalela ekhaya ngaphambi kokuthi liyodlala kule ndumezulu ngoJuni.

Ukufakwa kukaDe Jong kusho lukhulu kulo mdlali ojoyine i-Orlando Pirates esuka kwiStellenbosch FC ngoJanuwari.

Inhloso yakhe enkulu bekuyikho ukuqinisa amathuba akhe okungena eqenjini le-All Whites eliya kwiNdebe yoMhlaba ngokuthi adlale eqenjini elikhulu.

Yize engeyena umdlali oqala imidlalo okwamanje ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou, izinga lakhe limhlabe umxhwele umqeqeshi we-All Whites uDarren Bazeley.

Usedlale imidlalo eyisithupha kwiBucs, washaya igoli elilodwa okube yiphenathi kwiNedbank Cup bebhekene neTshakhuma.

UDe Jong usedlale imidlalo engu-11 futhi washaya amagoli amabili kwiNew Zealand, futhi useqalile ukuzinza eqenjini.

INew Zealand iya kwiNdebeni yoMhlaba njengompetha base-Oceania, kodwa ibhekene nomsebenzi onzima kuGroup G.

Baseqoqweni elilodwa neBelgium ekleliswe kwayishumi abahamba phambili emhlabeni, i-Egypt ne-Iran.

Leli qembu likaBazeley lihlose ukufinyelela esigabeni somkhumulajezi okokuqala emlandweni walo.

“Lena yimidlalo emibili ebaluleke ngempela kithi,” kusho uBazeley ngale midlalo yobungani. 

“Siyazi ukuthi umnqamulajuqu wokuqoka iqembu lethu lokugcina uyasondela. 

“Sibheke ngabomvu ukuzihlola phambi kwabalandeli bethu ukuthi sikuliphi izinga.”

Nakuba isikhathi somdlalo kwi-Orlando Pirates silinganiselwe, isimo sikaDe Jong kwiNew Zealand sisathembisa. 

Ukudlala kahle bebhekene neFinland neChile kungambona ezibekisela indawo kwi-All Whites futhi ayodlala ezingeni elikhulu kunazo zonke emhlabeni.