EzintshaKaizer Chiefs

UThabo Cele ‘usiza’ iChiefs ukuheha abadlali abase-Europe

UThabo Cele ujoyine iKaizer Chiefs ngoJanuwari ngemuva kokukhululwa yiqembu abedlala kulo eRussia iFC Fakel Voronezh. 

Ngemuva kokwenza kahle kwakhe negalelo lakhe eqenjini, ikilabhu ezinze eNaturena kuthiwa ibheke ukubuyisa abanye abadlali baseNingizimu Afrika abangaphandle. 

Lokhu kuke kwavezwa nangumqeqeshi uNasreddine Nabi ngasekuqaleni kwale sizini, ngesikhathi esanda kusayina uCele.

Uthe iChiefs ikuthola kunzima ukukholisa amakilabhu akuleli ukuthi ayidayisele abadlali bawo.

Wathi ngenxa yalokhu, sebezoqinisa kakhulu ekuhlonzeni abadlali bakuleli abaphesheya ukuqinisa ngabo iqembu lakhe.

Iqembu lePSL ngalinye livunyelwe ukuba nabadlali abahlanu kuphela bangaphandle.

Ngakho lokhu kusho ukuthi iChiefs kumele ithole abadlali baseNingizimu Afrika abaphesheya kwezilwandle.

Njengamanje leli qembu elinabalandeli abaningi kunawo wonke kuleli limataniswa noMihlali Mayambela noLebogang Phiri. 

UMayambela kuvela ukuthi uzophelelwa yinkontileka ngoJuni 30 kanti kuthiwa uzimisele ngokubuyela ekhaya. 

Futhi njengoba uThabo Cele esebenza njengomxhumanisi, uPhiri kuthiwa naye uyakucabanga ukubuyela ekhaya, ngokusho komthombo.

“Usebenza njengomxhumanisi ngandlela thile ngoba yena ubuyile futhi wafike wakuthokozela ukuba seNaturena.”

Uthe okwenze kusetshenziswe uCele wukuthi abanye abadlali bamadolo nzima ngoba abakaze badlale kuleli yize bengabokuzalwa khona.

“Uyazi ukuthi abanye balaba bafana abakaze badlale esigabeni esiphezulu eNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi bahambe.

“Ngakho-ke lena yiligi abangayazi kodwa futhi abayifisayo, kodwa njengoba uThabo Cele esekhona kwiKaizer Chiefs, kwenza izinto zibe ngcono,” kusho umthombo. 

Nokho uthe awazi ukuthi izingxoxo sezikuliphi izinga phakathi kweChiefs nalaba badlali ababili wathi kungenzeka futhi kukhona nabanye ngaphezu kwalaba ababili.