EzintshaMamelodi Sundowns

Kukhululwe ababili abanegama kwiMamelodi Sundowns

Kulindeleke izinguquko ezinkulu kulezi zinkunzi zaseTshwane, njengoba kungase kukhululwe abadlali abambalwa njengoba uMiguel Cardoso ebheke ukuphungula isikwati.

Ububanzi beqembu bungenye yezinto uCardoso azigqamisa njengenkinga ngesikhathi efika kwiMamelodi Sundowns ngonyaka odlule.

Futhi manje ukunciphisa isibalo sabadlali kubonakala sekuqalile ngokuthi bobabili uSipho Mbule noRivaldo Coetzee bakhululwe.

Izinkontileka zalaba ababili azizange zivuselelwe futhi ngokusho kwemenenja yabo, uMike Makaab abanaqembu njengamanje. 

Lokhu kusho ukuthi sebekhululekile ukujoyina noma iyiphi ikilabhu ebafunayo.

IMamelodi Sundowns inqume ukungawusebenzisi umbandela wezinkontileka zabo wokuzelula ngokwengeza eminye iminyaka.

“Kusukela ngoJuni 1, bobabili abadlali bakhululekile ukujoyina ikilabhu abayithandayo,” usho kanje uMakaab kwiGagasi FM ngoMsombuluko ebusuku. 

UCoetzee ulimale isikhathi eside futhi wakuthola kunzima ukubuyela eqenjini ngemuva kokululama kwakhe. 

UMbule uchithe le sizini ebolekiswe kwiSekhukhune United kodwa washeshe wadedelwa kuyo ngenxa yokungaziphathi kahle.

Kusolakala ukuthi ubenokufika eqenjini engekho esimweni esifanele, waphinde wahilizisana nabaqeqeshi. 

Obeedlala naye noMbule kwiSekhukhune, uDaniel Cardoso usanda kuveza ukuthi ufisa lo mdlali akhiphe amadimoni amdlayo bese egxila ebholeni. 

Uthe uMbule ungumdlali onekhono elimangalisayo futhi ongadlala kalula kunoma yiyiphi ligi e-Europe, kodwa ukungaziphathi kahle kwakhe kuyamcindezela.

Futhi njengoba esetholakala mahhala, kuzothatha amehlo ukubona ukuthi yiliphi iqembu elizimisele ukumnika elinye ithuba lokuvuselela umsebenzi wakhe. 

UCoetzee ungumdlali okungafanele athwale kanzima ukuthola elinye iqembu njengoba enethalente elingangabazeki. 

Nokho umlando wakhe wokuliala ungase ube yisithiyo emaqenjini angafisa ukumthatha.