
Kubuye izitobha ebezilimele kwiKaizer Chiefs
Kuvele namagama ezitobha ezimbili obesekunesikhathi zagcina ukubonakala enkundleni ngesikhathi iKaizer Chiefs imemezela iqembu eye nalo e-Egypt.
Leli qembu laseNaturena lilibhekise kwelikaFaro la liyodlala khona umdlalo wokuqala esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup.
Izobhekana ne-Al Masry ngoMgqibelo ntambama. NgoLwesine, iKaizer Chiefs ikhiphe uhlu lwabadlali abahambayo.
Okuthathe amehlo kulolu hlu wuubonakala kwamagama oGiven Msimango nelikaPaseka Mako kubadlali abahambayo.
Bobabili laba bese kunesikhathi bagcina ukubonakala enkundleni, ikakhulukazi uMsimango owalimala maphakathi nesizini edlule.
Selokhu kwaqala le sizini ubengakabonakali eqenjini uMsimango kodwa kubukeka eseluleme ngokugcwele njengoba esebuyele eqenjini losuku lomdlalo.
UMako – ojoyine iKaizer Chiefs esuka kwi-Orlando Pirates kungazelele muntu ekuqaleni kwesizini – naye useluleme ekulimaleni kwakhe.
Lo mdlali wasemuva kwesokunxele ubeseqale ukuzakhela ugazi kubalandeli ngesikhathi elimala okuphoqe ukuthi ahlale amasonto engadlali.
Ukubuya kwalaba badlali basemuva kuzoyiqinisa kakhulu iChiefs kwazise kusanda kubuya noThabiso Monyane odlala kwesokudla emuva.
Omunye umdlali osanda kubuya naye, uLebogang Maboe naye ukhona ohlwini lwabadlali abalibangise e-Egypt.
FUNDA NALA | OweDurban City uchitha amahlebezi ngomgadli
Naba abadlali eyodlala ngabo kulo mdlalo iChiefs:
- Onozinti: Brandon Peterse, Bruce Bvuma
- Abasemuva: Thabiso Monyane, Dillan Solomons, Bradley Cross, Paseka Mako, Inacio Miguel, Given Msimango, Zitha Kwinika
- Abasesiswini: Sibongiseni Mthethwa, Thabo Cele, George Matlou, Siphesihle Ndlovu, Lebohang Maboe, Nkosingiphile Ngcobo, Mduduzi Shabalala, Mfundo Vilakazi, Asanele Velebayi, Pule Mmodi
- Abagadli: Etiosa Ighodaro, Ashley Du Preez, Flavio Da Silva
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
