
UBvuma uveza okujike izinto kwiChiefs, yaba ngcono
Unozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, uthi abadlali babo abasayiniswe ngoJanuwari bakukhombisile ukubaluleka kwabo kusukela ngosuku lokuqala.
UBvuma, 29, uqale isizini njengonozinti wesithathu eqenjini. Bekukhona uFiacre Ntwari noBrandon Petersen phambi kwakhe.
Kodwa manje uBvuma useyiqinisile indawo yakhe njengonozinti wokuqala kwiChiefs.
Usenemidlalo emihlanu angangenelwanga goli kuyo kwengu-11 ayidlalile, futhi usangenelwe amagoli ayisikhombisa kuphela.
Lokhu kukhomba ukukhula kwalo nozinti ongomunye wabadlali asebenesikhashana bekhona kwiChiefs.
Abadlali abasha abasayiniwe ngoJanuwari oThabo Cele, uGlody Lilepo, noTashreeq Morris ubancoma ngokufike bangene khaxa eqenjini.
“Ngicabanga ukuthi bazinze kahle kakhulu,” kusho uBvuma. “UMorris, uLilepo, noThabo bangabadlali abasezingeni eliphezulu, abadlali bezinga lamazwe ngamazwe.
“Bakhombisile ukuthi kungani iqembu libasayinile. Ngijabule kakhulu ngabo.
“Basiza iqembu, futhi yilokho esikudingayo kubo. Sisebenza ndawonye, futhi sesibheke ukuqhubeka nalo mfutho.”
UBvuma uphinde waphawula ukwesekwa okukhulayo kweqembu e-FNB Stadium. Ukwenza kahle emidlalweni yakamuva kweChiefs kubuyise abalandeli.
“Abalandeli bayabuya, futhi lokho kusiphusha ukuthi sinikeze okwengeziwe,” kuqhuba yena.
“Ukuba nabo ngemuva kwethu kusisiza ukuthi silwe kuze kube kuphela umdlalo.”
Uyivumile inselelo eza neSuperSport United emdlaweni wabo weligi ngoLwesibili.
“Bayiqembu elikhulu elinomqeqeshi ophambili kuGavin Hunt. Sesidlale kabili nabo kule sizini, sawina owodwa sahlulwa kowodwa,” wengeza.
“Siyawazi amandla abo, kodwa kufanele sigxile emdlalweni wethu. Lokho kusasisebenza kahle.”
La maqembu womabili azongqubuzana e-FNB Stadium ngo-7.30 ebusuku ngoLwesibili.
