
Babhoboka ngendlela enonya abaxoshwa ngayo uMiddendorp
Abadlali bebhola asebethathe umhlalaphansi uMichael Morton noKeagan Buchanan sebebhoboke ngendlela u-Ernst Middendorp aqeda ngayo ngabo ebholeni.
UBuchanan, owayeneminyaka engu-33 ngaleso sikhathi, waba ngowokuqala ukushaywa ngesithende yilo mqeqeshi.
UMorton walandela yena kamuva, eshiya maphakathi nesizini ka-2024/25 yeMotsepe Foundation Championship.
Bobabili bathathe umhlalaphansi bekwiCape Town Spurs bedlala ngaphansi kuka-Ernst Middendorp.
UMorton uthi akambambele gqubu lo mqeqeshi. Ukholwa ukuthi lokhu okwenzeka kwashintsha impilo yakhe.
“Nganginobudlelwane obuhle no-Ernst Middendorp isikhathi eside,” kusho yena kwiPodcast yakhe.
“Kwaba yisibusiso esicashile kimi. Ingenze ngasheshe ngaqala umsebenzi wami wokwenza i-content.”
UMorton uchaze kule podcast yakhe iMike Morton Talks Football ukuthi izinto zenzeka ngokushesha kangakanani.
“Ngadlala kuwuMgqibelo… Kwana nomhlangano ngoMsombuluko… Ngemva kokujima wathi kimi, ‘Woza ehhovisi.
“Yilapho angitshela khona ukuthi: ‘Ngeke usaphinde udlale eqenjini lami.’
“Sabe sesixhawulana, ngakhuphukela esitezi esiphezulu, kwaphela kanjalo. Akuphelanga nemizuzu engu-15 ngabe sengiphumile ngiphethe ibhokisi elinezinto zami zonke.”
Ukuphuma kukaBuchanan nakho kwenzeka ngendlela ecishe ifane. Wadlala okokugcina ngo-Ephreli 2024 bebhekene neSekhukhune United.
ISpurs ibilwa, izama ukuvika izembe kwiBetway Premiership ngaleso sikhathi, kodwa watshelwa ukuthi angabuyi yize ayengumdlali onamava.
“Lowo ngumumtu wethu, ungumngane wethu wakudala,” kusho uBuchanan kule podcast kaMorton.
“Ngabuya kwiSekhukhune… Ngemva kokujima kanye bangitshela ukuthi, ‘Lalela mfo, ungabe usabuya ntambama.’”
Bobabili laba badlali bathi lezi zinqumo zabazuma. Bobabili bathi basala beshaqekile.
FUNDA NALA | AbeSundowns bahalela uGavin Hunt
Kodwa uMorton ugcizelela ukuthi wayevele eseke wakucabanga yena ukuthatha umhlalaphansi futhi akanagqubu ngendlela okwenzeka ngayo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
