Bafana BafanaEzintsha

Izinkinga zeBafana – uMbatha ulimele, u-Adams unyamalele

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos usekuqinisekisile ukuthi uThalente Mbatha noJayden Adams bahoxisiwe eqenjini elizobhekana neCongo Brazzaville.

IBafana izogadulisana neCongo emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha ngoLwesihlanu.

Ngemuva kwalo mdlalo, ezikaBroos zizobe sezilibangisa eCongo ukuyobhekana nayo emdlalweni wasekuhambeni ngoLwesibili luka-Okthoba 15. 

UBroos uchaze ukuthi uMbatha uhoxisiwe ngemuva kokuthi kokulimala edolweni emdlalweni we-Orlando Pirates ngempelasonto. 

U-Adams, naye obedlala emdlalweni ofanayo, uhoxisiwe ngenxa yesizathu sokuqondiswa ubugwegwe.

Yize kungakaqinisekiswa, kodwa kuvela ukuthi u-Adams akazange azihluphe ngokuya ekhempini yeBafana ngeSonto njengabanye abadlali. 

Esikhundleni sikaMbatha no-Adams kuzothathwa uBathusi Aubaas noSinoxolo Kwayiba.

Noma kunjalo, umsebenzi uyaqhubeka kuBroos nabadlali bakhe njengoba kufanele banqobe nakanjani ngoLwesihlanu.

“Ngifuna ukubona iNingizimu Afrika yangempela ibhekene neCongo,” kusho uBroos.

 “Asizange siyibone iNingizimu Afrika yangempela emidlalweni yethu emibili yokugcina (ibhekene ne-Uganda neSouth Sudan). 

“Angizange ngijabule ngokudlala, kodwa ngijabule ngomphumela (nginqobe ngo 3-2 ibhekene neSouth Sudan). 

“Angijabule neze uma ngikhuluma ngomphumela sibhekene ne-Uganda ngoba ngangifuna ukuwunqoba lowa mdlalo.”