
ISundowns nesimemezelo ngamathikithi oweChiefs
IMamelodi Sundowns seyikuqinisekisile ukuthi amathhikithi omdlalo wayo neKaizer Chiefs asedayise aphela.
Lo mdlalo uzoba seLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo, ngo-3:30 kanti sesiside isikhathi ulindiwe.
Bewudake uhlelelwe ukuthi ube seLoftus Versfeld. Nokho ube sewugudluzwa ngoba iBlue Bulls izosingatha iStormers ngalo lolo suku kule nkundla.
NgoMsombuluko iSundowns imemezele ukuthi amathikithi aseyatholakala kanti adayisa u-R40 lilinye (R15 awezingane).
Ngemva kwamahora ambalwa, wonke amathikithi athengiswe aphela, okubonisa ukuthi lo mdlalo ulindelwe kangakanani.
Umdlalo weSundowns neChiefs usukhule kakhulu kule minyaka embalwa edlule futhi ungeminye wesuke ibhekwe ngabomvu.
ISundowns iyinqobe isiyishaye kabili iChiefs kule sizini, kanti yayishaya kuyo yomibili eyeligi ngesizini edlule.
Egcina ukuhlangana lamaqembu,, iziqhwaga zasePitori zishaye iChiefs ngo 4-0 emdlalweni weCarling Knockout Cup.
ISundowns izihola phambili kwiligi futhi isahlulwe kabili kule sizini njengoba inegebe lamaphuzu angu-12.
IChiefs isabamba ibuye idedele njengoba ingakangeni emgqigqweni ofanele ngaphansi kukaNasreddine Nabi.
Njengoba inkunda izobe igcwele phama, abalandeli kusobala ukuthi balindele umdlalo ojabulisayo.
