EzintshaOrlando Pirates

I-Orlando Pirates isisayine oka-9, baseza abanye?

UYanela Mbuthuma weRichards Bay FC ungumdlali wakamuva osayiniswe yi-Orlando Pirates.

Lesi senzo siza yize leli qembu laKwaZulu-Natal phambilini beligcizelela ukuthi lo mdlali akadayiswa.

UMbuthuma usanda kusayina inkontileka yeminyaka emihlanu neNatal Rich Boyz, okwenze kube sengathi ngeke ashiye kuleli qembu. 

Nokho ngokubika kweSABC Sport, abangaphakathi bakuqinisekisile ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala usesayine neziqhwaga zaseSoweto.

Lesi sivumelwano siphawula umdlali wesibili osuka kwiRichards Bay oya kuPirates, kulandela ukusayinwa kukaNkosikhona Ndaba phambilini. 

UMbuthuma ushaye amagoli ayisithupha emidlalweni engu-27 kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini ka-2024/25.

Kodwa naphezu kwezinga eliphansi lokushaya amagoli, ubambe elikhulu iqhaza ekusizeni iRichards Bay.

Leli qembu aligcinanga nje ngokuvika izembe, kodwa igcine iqede phakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi. 

Ifomu yakhe enhle idonse amehlo ezinhloli zePirates, le kilabhu yabe seyithatha isinyathelo ngokushesha.

IRichards Bay ibophele abadlali bayo abamqoka ngezinkontileka zesikhathi eside ukuze kuvinjwe ababafisayo.

Kodwa kukholakala ukuthi okubekwe yi-Orlando Pirates etafuleni bekukuhle kakhulu ukuthi ingakunqaba. 

Ilingiselela ukuhamba kukaMbuthuma, iRichards Bay isivele isayine uGabadinho Mhango ngemuva kokushiya kwakhe kwiMarumo Gallants.

UMbuthuma ungumdlali wesishiyagalolunye ozodlala kwiPirates ngesizini ezayo. 

Yize kungekho osekuqinisekiswe ngokusemthethweni, abanye abasayiniswe yi-Orlando Pirates kuze kube manje yilaba:

 ✅ Yanela Mbuthuma

 ✅ Nkosikhona Ndaba

 ✅ Sihle Nduli

 ✅ Kabelo Kgositsile

 ✅ Tshepo Mashiloane

 ✅ Masindi Nemtajela

 ✅ Sinoxolo Kwayiba

 ✅ Tshepang Moremi

Laba badlali kulindeleke ukuthi bethulwe ezinsukwini ezizayo njengoba i-Orlando Pirates isaqhubeka nokuqinisa isikwati. 

Kuzomele ibamemezele ngaphambi kokulibangisa eSpain la iyolungiselela khona isizini entsha.

Kulindeleke ukuthi ilibangise khona ngasekuqaleni kwenyanga ezayo ukuze ibe nesikhathi esanele sokubajwayeza eqenjini labo elisha.