EzintshaMamelodi Sundowns

ISundonws izozithola inesimo esibucayi ngoMkhulise

Lo mdlali wasesiswini usaqhubeka nokubuye alizwe ngendaba ijezi ngaphansi komqeqeshi uMiguel Cardoso kwiMamelodi Sundowns.

USiphelele Mkhulise, oneminyaka engu-29 ubudala uphuma enkulisa yeMamelodi Sundows, kanti usadlale imidlalo emine kuphela yeligi kuze kube manje kule sizini.

Lokhu sekuqinise amahlabezi ngekusasa lakhe kuleli qembu elizinze eChloorkop.

Yize intshisekelo kuMkhulise ingeyona into entsha, iSundowns ikubeke kwacaca phambilini ukuthi ayifuni naye, yagcizelela ukuthi useyingxenye yezinhlelo zayo zesikhathi eside. 

Kodwa-ke, njengoba sekusondele iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari futhi ikilabhu kulindeleke ukuthi isayine abadlali abasha, isimo sakhe singase sishintshe maduze.

“Iqiniso wukuthi uSphelele akadlali njalo, kanti amanye amakilabhu abelokhu ekhombisa intshisekelo,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiPhakaaathi.

“Kodwa iSundowns ibilokhu imile kwelokuthi akadayiswa. Uphuma enkulisa yayo, futhi unogazi kwabanye abadlali — futhi nabalandeli bayamthanda. 

“Kulesi sigaba, akucaci ukuthi uzovuleleka yini ekutheni ashiye, kodwa ikilabhu ilindele izicelo ezengeziwe ngaye.”

Naphezu kwamathuba amancane okudlala, uCardoso uphinde wagcizelela ukuthi uMkhulise useyilungu elibalulekile leqembu.

Lo mdlali uke wabonakala kafushane ngesikhathi beshaya i-TS Galaxy ngo 1–0 ngaphambi kwekhefu leFifa, wangena esikhundleni sikaNuno Santos ngasekupheleni komdlalo.

Njengoba amaqembu amaningi elangazelela ukuqinisa esiswini, igama likaMkhulise kulindeleke ukuthi ligqame uma kuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali emasontweni ezayo.