AmaZuluEzintsha

Inkakha isola ubolo kubadlali ‘nomasgcozi’ Osuthwini

Omunye wabadlali bakudala baMaZulu FC, ocele ukuba singamdaluli, uthi ukuletha umqeqeshi omusha kuleli qembu kusewukuqhubeka nomasgcozi. 

Le nkhakha, ethi yenqena ukukluluzwa kabi uma iveza igama layo, ithi umengameli wekilabhu, uSandile Zungu kusazomele acabange kabusha. 

Sekunesikhathi kunezinsolo zokuthi kunabadlali abazenzela umathanda, futhi okukhala esabo isicathulo kuMaZulu. 

Ithi lokhu yikho okwenza iqembu ligidagide ndawonye, lingabonakali libhekephi futhi uma kungalungiswa leso simo, impumelelo ngeke ibe khona. 

AmaZulu axoshe uPablo Martin obengumqeqeshi ngesonto elidlule ngoba esolwa ngokuhlulwa wumsebenzi. 

Kodwa le nkakha ithi kuyefana, nolandelayo mancane amathuba okuthi enze into ebonakalayo isimo singakalungiswa. 

“Noma ngabe AmaZulu aqasha muphi umqeqeshi, naye uzobhekana nenkanankana yenkinga exoshise uPablo Martin,” kusho le nkakha. 

“Inkinga inabadlali abadala asebedlalela upoyinandi, abangasenandaba noma badlalile noma abadlalile uma nje bona bezohola ekupheleni kwenyanga. 

“Laba badlali iningi labo selikhathele egazini, kodwa kusele umdondo nje kuphela, nokuthi ngeke bayeke besaholelwa.”

Ikhale ngokuthi iningi labadlali kuMaZulu baneminyaka engaphezulu kuka-30, okusho ukuthi akwakhelwa ikusasa. 

Ubaqagule ngamagama athi yibo okumele kuqalwe ngabo uma sekukhucululwa, kodwa ukuhlonipha isithunzi sabo, ngeke sibadalule. 

“Iqembu lidinga abadlali abasalambele ukudlalalela iqembu lesizwe iBafana Bafana nokuthola amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle. 

“Manje leli qembu loSuthu linabadlali abazothatha umhlalaphansi,” kuphetha le nkakha. 

Umhleli: Le nkakha ikhulume nathi ngaphambi kokuqashwa kuka-Arthur Zwane noVusumuzi Vilakazi kulo msebenzi wokucija Usuthu.