AmaZuluEzintsha

Kuzobambisana obekwiChiefs noVilakazi ekucijeni Usuthu

AmaZulu FC aseshaqise abaningi ememezela ukuthi aseqashe u-Arthur Zwane ukuthi abambisane noVusumuzi Vilakazi ekuqeqesheni leli qembu. 

UZwane ubekwiKaizer Chiefs la abesehlale khona isikhathi eside kusukela engumdlali, waze wagcina engumqeqeshi. 

Nokho izinto azimhambelanga kahle eqenjini elikhulu, wagcina egxaliwe ngemuva kwesizini eyodwa ephethe. 

Ube esebuyiselwa ezinhlakeni zokuthuthukisa amakhono, ephethe nophiko lokuhlwaywa kwabadlali.

Nokho usewulaxazile lowo msebenzi, wathatha owokucija Usuthu. 

Ngokwesitatimende esikhishwe yileli qembu, uZwane uzobambisana noVilakazi kulo msebenzi.

“Usuthu seluqoke ngokusemthethweni u-Arthur “1011” Zwane noVusimuzi “Kanu” Vilakazi njengabaqeqeshi abazosebenza nokubambisana eqenjini elikhulu. 

“Umengameli waMaZulu uSandile Zungu ukuqinisekisile ukuqokwa kwabo,” kusho Usuthu esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili ebusuku. 

UZungu uthe ulwazi lwalaba baqeqeshi, abebengabadlali esigabeni esiphezulu sebhola kuleli phambilini, uthemba ukuthi luzovuselela iqembu lakhe.

“Ulwazi lwabo oluhlanganisiwe njengabaqeqeshi nabadlali bangaphambili luzobaluleka 

ekuthuthukiseni amakhono ethu amancane,” kusho uZungu.

Laba bangena ezicathulweni zikaPablo Martin oxoshiwe kuleli qembu ngoba ephikwa yimiphumela.