
Okwenze uMosimane ‘angayiniki ucu’ iRaja Casablanca
- Intatheli yeLISENETHINI
Njengoba owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns ne-Al-Ahly uPitso Mosimane elinde umsebenzi wakhe olandelayo, sekuvele ukuthi kungani engeke aye kwiRaja Casablanca amataniswa nayo.
UMosimane usenezinyanga ezinhlanu engasebenzi ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe emfushane eqenjini laseSaudi Arabia i-Abha Club.
Akaziswele ke izesheli njengoba amakilabhu asesifundeni seGulf esalokhu ebuza njalo ngokutholakala kwakhe.
Igama lakhe lihle kakhulu ezwenikazi kanti iCasablanca iyikilabhu yakamuva ukukhombisa intshisekelo ngaye.
Ngokombiko wePhakaaathi, lezi zinkunzi zaseMorocco ziklinywe yimali efunwa uMosimane.
Kuthiwa leli qembu likhulumile nabamele uMosimane kodwa ekugcineni isicelo salo asizange sihlangabezane nalokho abekufuna.
“Umqeqeshi uzenzele kahle, iCV yakhe iyazikhulumela futhi kusobala ukuthi akashibhile.
“Intshisekelo yeRaja ibinkulu, kodwa ayikwazanga ukufika kulokhu abekufuna,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Kusenentshisekelo evela emaqenjini aseSaudi Arabia kodwa umqeqeshi ufuna ukwenza isiqiniseko sokuthi umnyakazo olandelayo umfanele yena nethimba lakhe labaqeqeshi.”
Ukuvela kwezindaba zokuthi uMosimane ufunwa eMorocco bese kususe isasa ngokuthi bazosebenza kwiligi eyodwa noRulani Mokwena.
