
Isukile! Iyobanjwa esithele nayo koweStellies neKaizer Chiefs
IKaizer Chiefs neStellenbosch FC sebewakhiphile amaqembu abazokhiphana ngawo inkani emdlalweni weCarling Knockout Cup eDHL Stadium ngeSonto — umdlalo uqala ngo-3 ntambama.
Iqembu laseCape Winelands lilangazelela ukuvuka lizithathe ngemuva kokunqoba umdlalo owodwa kweyisishiyagalolunye yeligi kule sizini.
Njengamanje lihlezi endaweni ka-14 kwilogi yeBetway Premiership futhi liya kulo mdlalo nje libuya koweligi la lidlale khona ngokulingana neChippa United.
Kodwa ngeke kube lula. IKaizer Chiefs, esike yayihlula iStellies koweligi ekuqaleni kwale sizini, nayo ingaphansi kwengcindezi yokujika izinto.
IGlamour Boys inqobe owodwa kuphela emidlalweni yayo emihlanu edlule, okuhlanganisa nokudlala ngokulingana ngo 1–1 naMaZulu FC eFNB Stadium kuleli sonto.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Umlando, nokho, uvuna Amakhosi — yiwo anqobe emine kwemihlanu yemidlalo edlule phakathi kwala makilabhu womabili.
Nansi indlela azihlele nabophele ngayo 👇
🟡 Kaizer Chiefs XI: Ntwari – Cross, Kwinika (c), Miguel, Solomons – Mthethwa, Ngcobo, Shabalala, Mmodi – Lilepo, Mayo.
🟡Ebhentshini: Bvuma, McCarthy, Frosler, Cele, Matlou, Sirino, Du Preez, Chislett, Morris.
🔴 Stellenbosch FC XI: Masuluke – Mcaba, Mokobodi, Moloisane, Manafov – Palace, Khiba, Mthiyane, Lekoloane, Titus – Khanyi.
🔴 Ebhentshini: Stephens, Butsaka, Mdaka, Enyinnaya, Jabaar, De Jong, Cupido, Barns, Mojela.
FUNDA NALA | UMbokazi uzithuse kwayena ngenguzunga yegoli
Umdlalo uqala ngo-3ntambama — futhi womabili lamaqembu alangazelele umgqogqo, wena ungalindela impi evuthayo eKapa! 🔥
