Ezintsha

Idabhi yaseSoweto seyinoshintsho olukhulu

Abalandeli abafisa ukuhambela idabhi yaseSoweto azayo bazodinga ukujwayela ushintsho olukhulu ngamathikithi.

Phela sekuvele ukuthi kusukela manje amathikithi alo mdlalo ongomkhulukazi ezweni asezodayisa kwi-inthanethi kuphela.

Abalandeli basale bekhungathekile ngemuva kokuthi amathikithi omdlalo wango-Ephreli 26 phakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs edayiswe aphela emahoreni angu-24.

Ngesikhathi kuvela ukuthi aseyadayisa, abanye baphuthume ezitolo beyowafuna, bafike baphoxeka – awekho aphatheka ngesandla adayisiwe.

Manje, iStadium Management South Africa isichazile ukuthi kungani kwenzeke kanjalo.

Isikhulu esiphezulu kule nkampani uBertie Grobbelaar uthi lesi sinyathelo kuhloswe ngaso ukubhekana nokukokotelwa kwamathikithi nokuminyana okuyingozi e-FNB Stadium.

“Wonke amathikithi athengiswe kwi-inthanethi. Awekho amathikithi aphathekayo,” kusho lesi sikhulu.

“Lesi kube yisinqumo esithathwe amakilabhu womabili ngokulandela iseluleko sethu.”

UGrobbelaar ukhombe amathikithi omgunyathi asabalalayo njengenkinga enkulu.

“Amathikithi aphathekayo ayimbangela yomgunyathi nokukokotela,” kwenaba lesi sikhulu.

“Uma iphepha lethikithi lintshontshiwe, kulula ukuphrinta amathikithi omgunyathi.”

Uphinde waveza izinombolo ezishaqisayo zabalandeli abebesenkundleni uma kudlala idabhi yaseSoweto phambilini.

“Kwenye idabhi sasinabantu abangu-116 000. Eyokugcina ibe nabangu-101 000 enkundleni,” kuqhuba yena.

Uhlelo olusha, oluthengisa kwi-My Tickets App, luklanyelwe ukulawula izinombolo nokuthuthukisa ukuphepha.

Idabhi yaseSoweto isengomunye wemidlalo emikhulu ebholeni laseNingizimu Afrika. 

Abalandeli manje kuzomele bajwayelane nalolu hlelo olusha noma bazibeke engcupheni yokuphuthelwa yilo mdlalo.