EzintshaOrlando Pirates

Isiqalo esisha kuMonnapule Saleng ‘obedubile’ kwiBucs

Lo mdlali wasesiswini weBafana Bafana akakaze abonakale kwiPirates kusukela ngoDisemba, kanti kubikwa ukuthi kungenxa yombango weholo. 

Njengoba iqembi lingakaze lisho lutho ngesimo sakhe, kukhona namahlebezi abemkhomba kwiKaizer Chiefs, ikusasa likaMonnapule Saleng libukeka lingaqinisekile — kuze kube manje.

Ngokubika kweSoccer Laduma, ukufika kuka-Ouaddou kungase kunike uMonnapule Saleng isiqalo esisha kwiPirates.. 

Ngokwalo mbiko, umthombo ongaphakathi ekilabhini uveze ukuthi lo somaqhinga waseMorocco uhlela ukunikeza wonke umdlali ithuba.

Futhi uSaleng ukhona ezinhlelweni zeqembu futhi angase bae yingxenye yohambo oluzayo lokuyolungiselela isizini eSpain.

“Umqeqeshi kulindeleke ukuthi anikeze wonke umuntu ithuba. Ukhona ezinhlelweni zaseSpain,” umthombo ucashunwe usho kanje.

USaleng ugcine ukubonakala kwiPirates emdlalweni wayo weCaf Champions League ibhekene ne-Al Ahly ngoDisemba 7 – umdlalo owaphela ngo 0-0. 

Kodwa ukhumbuze alabandeli ngezinga lakhe ngokwenza kahle kwiBafana Bafana emdlalweni wokuhlungela iChan obuseBloemfontein ngoMashi.

Ngesikhathi kuqhuma amahlebezi abemmatanisa neChiefs, ingwazi yePirates uBenedict “Tso” Vilakazi yaveza ukuthi lokhu kungaba yishwa elikhulu. 

“Ngabe uSaleng uwuhlobo lomdlali olungangena esitayeleni seChiefs? Angicabangi kanjalo,” washo kanje kwi-Omni Audio Africa. 

“Bheka uGaston Sirino — akaseyena umdlali ofanayo ngenxa yabadlali abadlala nabo kwiChiefs abangekho ezingeni lakhe.”

Njengoba iPirates ilungiselela isahluko esisha ngaphansi kuka-Ouaddou, wonke amehlo azobe ebheke ukubona ukuthi uMonnapule Saleng uyasithola yini isiqalo esisha.