
IChiefs ilwela ukuthoba amanxeba – ibophele kanje
IKaizer Chiefs ibheke ‘ukududuza’ abalandeli bayo futhi ibaphe isipho sikaKhisimuzi ngokuthi inqobe umdlalo wayo wokugcina kulo nyaka.
Yize Amakhosi enqobe indebe yawo yokuqala eminyakeni eyishumi kulo nyaka – inqobe iNedbank Cup – le sizini ayisaqalanga kahle.
Akukhona ukuthi izinto azihambi kahle enkundleni kuMakhosi, kodwa wukuthi izimbangi zawo, i-Orlando Pirates, kuzihambela kahle kakhulu.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi njengoba kuyiwa emaholidini kaKhisimuzi, abalandeli beChiefs bazoyidela inkani bechonyelwa abePirates.
Phela iPirates seyivele inqobe izindebe ezimbili kule sizini, futhi yiyona eqhwakele kwilogi yeBetway Premiership njengamanje.
Ishiya ompetha abavikela le ligi, iMamelodi Sundowns ngamaphuzu amabili ekubeni isasele nomdlalo engakawudlali.
Izinto zibukeka zivuna yona iPirates ekutheni idle lesi sicoco kulokhu. Konke lokhu kufaka iChiefs ingcindezi.
Ngaphezu kwalokhu, iPirates inabadlali abayisishiyagalolunye kwiBafana Bafana eya kwiCaf Africa Cup of Nations kanti akukho noyedwa oweChiefs.
Nokho iKaizer Chiefs ingabaduduza abalandeli bayo ngokuthi nayo ubuyele embangweni wesicoco seligi ngaphambi kokusongwa konyaka.
Nokho ukuze yenze lokho, kuzomele ishaye iqembu elivamise ukuyithwalisa kanzima, iTS Galaxy ngeSonto entambama.
Lamaqembu azogadulisana eMbombela Stadium emdlalweni weligi ozoqala ngo-3.30 ntambama futhi okubhekwe ushube kakhulu.
Uma inganqoba ngamagoli amabili kuya phezulu, ingakwazi ukubuyela endaweni yesithathu njengoba izoba namaphuzu angu-26.
Kodwa uma ihluliwe, ingazithola yehlela endaweni yesithupha kwilogi ngaphambi kokuthi iye ekhefini.
- Ibophele kanje iChiefs: Petersen – Mako, Solomons, Kwinika, Miguel – Shabalala, Vilakazi, Matlou, Maboe – Mayo, Da Silva
- Ebhentshini: Bvuma, Msimango, Monyane, McCarthy, Ndlovu, Baartman, Velebayi, Lilepo, Duba
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
