
UMbule uphinde wagudla ‘olamthuthu’ iBucs idla iCarling KO
Umdlali we-Orlando Pirates uSipho Mbule uveze ukuthi useyekile ukubiza amanye amaqembu ‘ngolamthuthu’ ngoba lokho kumfaka enkingeni.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ngemuva kokuthi iPirates idle isicoco sayo sesibili kule sizini – ngaphansi kancane kwezinyanga eziyisithupha.
IPirates ingompetha abasha beCarlong Knockout ngemuva kokushaya iMarumo Gallants kowamanqamu ngoMgqibelo ebusuku.
Kube yigoli likaRelebohile Mofokeng alishaye esikhathini esengeziwe elenza umehluko kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane.
USipho Mbule ube esechoma njengenjwayelo, ezenzisa sengathi ubengazi ukuthi yibona kuphela iqembu eselinezicoco kule sizini.
“Bafethu, ngale, anginawo amazwi amaningi,” kusho uMbule ezihlekela njengenjwayelo futhi ekhomba indondo yakhe.
“Amaqembu amabili kuphela angithi?” kubuza uMbule ngamabomu futhi sakuqhuqa.
Lo abekhuluma naye ube esemtshela ukuthi cha yibona kuphela abanezindebe ezimbili njengamanje.
“Yithi kuphela iqembu elinezindebe ezimbili ezinyangeni eziyisithupha,” kuqhuba uMbule ezithukisa.
“Uqinisile. Abanye lutho qobo nje izindebe ezinyangeni eziyisithupha zonke. Yithina kuphela esinezindebe kule sizini…
“Futhi kusekhona ezinye ezilandelayo. Kodwa manje ngeke ngisasho ukuthi bawolamthuthu ngoba lokho kuzongifana enkingeni enkulu.”
Sizoba sincane isikhathi sokujabulela le ndebe nokho kuSipho Mbule nabanye ozakwabo njengoba ngoMsombuluko befuneka ekhempini yeBafana Bafana.
Yena ananye ozakwabo abayisishiyagalombili baseqenjini likaHugo Broos eliya kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon).
FUNDA NALA | UNkota nesifiso esikhulu ngeNdebe yoMhlaba
IBafana iqala umkhankaso wayo kulo mqhudelwano ngoDisemba 22 ngokubhekana ne-Angola.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
