
Imenenja icacisa eyekusasa likaMailula ohalelwa ezaseSoweto
UCassius Mailula usacabangisisa kahle ngomnyakazo wakhe olandelayo ngemuva kokushiya ngokusemthethweni iWydad Athletic.
Futhi lo mdlali akaweswele amaqembu amfisayo njengoba izesheli zingena zilakanyana zizocela ukudayiselwa noma ukubolekwa yena.
Imenenja kaCassius Mailula yona ithi kunezicelo ezintathu ezinkulu abacabangela phezulu kwazo njengamanje.
Ukubolekiswa kukaMailula eqenjini laseMorocco iWydad kuphele kuleli sonto, kanti lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala usebuyele kwiToronto FC.
Kepha njengoba iToronto ivulelekile ukumthengisa, umnyango uvulekile ukuthi ayoqala kabusha kwelinye iqembu.
“UCassius ubuyile ekhaya futhi usazophumula kancane,” kusho imenenja yakhe uKarabo Tshabuse kwiMetroFM.
“IToronto yenze umusa. Isivumelile ukuba simbhekele amanye amathuba avelayo.”
Futhi amathuba ngathi asevele akhona futhi maniningi — empeleni nje kunamathathu abakholwa wukuthi mahle kakhulu.
“Sinesicelo esivela e-Egypt, esisodwa esivela e-Europe – hhayi kwiligi ephezulu kodwa nayo isezingeni elihle – nesinye esivela eMiddle East.
“Singamangaza ke wonke umuntu ngokuthi aqjamuke la kungalindele khona muntu,” kusho uTshabuse sakudlala.
Kodwa kulokhu, uCassius Mailula nethimba lakhe abajahe lutho futhi bazocubungula ngokucophelela zonke izicelo abazitholayo.
“Sizoqaphela kakhulu. Sikhuluma ngqo nabaqeqeshi bamaqembu, sizama ukuqonda isikhathi sokudlala, indawo abamfunela yona, nakho konke okunye,” kwengeza uTshabuse.
Kukhona nentshisekelo evela emaqenjini aseNingizimu Afrika, kanti kuvela ukuthi nawo asezibikile ethimbeni likaMailula.
Kubikwa ukuthi iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates baphakathi kwamaqembu aseNingizimu Afrika asebuze ngokutholakala kukaCassius Mailula.
Kodwa-ke, ukubuyela ekhaya akuyona into ehamba phambili kuye — okungenani hhayi okwamanje.
UCassius Mailula, obengomunye wabadlali abane baseNingizimu Afrika abashaye igoli kwiFifa Club World Cup la ehlabe khona umxhwele edlala kwiWydad.
Njengoba amalungiselelo okuqala kwesizini eseqalile emhlabeni jikelele, kulindeleke ukuthi kuthathwe isinqumo maduze ngoMailula.
Ngabe uMailula angabuyela e-Afrika? Ayoqala kabusha e-Europe? Noma ayodla imali eMiddle East?
Iyodwa into esobala ngalokhu – wukuthi isahluko esilandelayo sikaMailula sizoqala maduze nje.
