EzintshaMamelodi Sundowns

Ingwazi yeluleka uShalulile ngesimo sakhe kwiDowns

Ngokuphambene namahlebezi akamuva athi inkontileka yakhe iphelile kuleli sonto, lo mshini wamagoli waseNamibia usazohlala kuze kube uJuni 2027 kwiSundowns. 

Lokho kungenxa yokuthi usayine isivumelwano sokwengeza iminyaka emihlanu kwinkontileka yakhe ngoJulayi ka-2022. 

Ngakho noma ngabe yiliphi iqembu elizimisele ngokumthola kuzomele lingene lijule emaphaketheni ukuze limthenge.

Kodwa njengoba ezohlala kwiSundowns, indima kaPeter Shalulile kuleli qembu laseChloorkop ishintshile.

Umqeqeshi omusha uMiguel Cardoso umehlisile ohlwini lwabaqala imidlalo njengoba eselandela ngemuva ko-Iqraam Rayners, u-Arthur Sales, noLebo Mothiba. 

Empeleni inkontileka kaMothiba obekungeyesikhashana seyelulwe ngeminye iminyaka emibili.

Naphezu kwesikhathi sakhe esilinganiselwe sokudala — okuhlanganisa nemizuzu engu-13 kuphela kwiFifa Club World Cup — uPeter Shalulile usenabo abamesekayo.

“Uyisosha. Ungumgadli onobufakazi bomsebenzi wakhe. Uzobuyela eqenjini,” kusho owayengumgadli weSundowns uManqoba ” Shakes“Ngwenya kwiSowetan.

UShakes akazange akufihle ukukhungatheka kwakhe ngeqhaza elilinganiselwe likaShalulile kwiClub World Cup.

Ugcizelele ukuthi lo mgadli ubezowavalela enethini amathuba agejwe nguTashreeq Matthews bebhekene neBorussia Dortmund neFluminense.

“Kwangishaqisa kakhulu,” kusho uShakes. “Ubukhali phambi kwepali. Umqeqeshi bekufanele amethembe kule midlalo.”

Futhi izibalo zikaShalulile ziyakweseka okushiwo uNgwenya ngaye:

 Unamagoli angu-128 kwiPSL – Ushoda nje ngamabili ukuthi adlule irekhodi likaSiyabonga Nomvethe langu-129.

Njengoba iSundowns izoqhudelana emiqhudelwaneni emihlanu ngesizini ezayo, uzokwazi ukulephula leli rekhodi, bese eqopha elisha. 

UPeter Shalulile kungenzeka angabi ngumdlali oqala imidlalo muva nje, kodwa ubukhali bakhe abungatshazwa.

Irekhodi elisha liyalimemeza igama lakhe… ngokunjalo nokugeza igama kulo mgadli osebenza kanzima futhi oziphethe kahle.