EzintshaOrlando Pirates

Ubuyele ngakubo ngempela owagabha iPirates ‘efuneka ekhaya’

Lo mgadli washiya i-Orlando Pirates kumasizini amabili edlule ngenxa yokuthi ubenezinkinga ezinkulu zomndeni eZimbabwe.

Wacela leli qembu laseSoweto ukuthi likhulule enkontilekeni yakhe ngaleso sikhathi ngoba efuna ukujoyina iqembu ekhaya.

Wathi lokhu ukwenza ngoba unezinkinga zomndeni ezidinga ukuthi abe seduze.

Manje ngokuthi alikho iqembu eZimbabwe elalingakwazi ukumthenga kwiPirates, wacela ukukhululwa.

Lokhu wayekwenzela ukuze akwazi ukujoyina noma yiliphi elinfunayo mahhala, okwakuzokwenza izinto zibe lula.

IPirates nebala yazwelana naye, yamkhulula ukuze abuyele ekhaya ayoba seduze nomndeni wakhe okwakukholakala ukuthi uyamdinga.

Kodwa kwamangala abaningi lapho eseebuya ngemuva kwamasonto ambalwa futhi wajoyina iSuperSport United mahhala.

Futhi manje ngemuva kwamasizini amabili kuMatsatsantsa a Pitori, usephelelwe yinkontileka wabe esenquma ukubuyela ekhaya – okwangempela kulokhu.

UDzvukamanja wethulwe yiScottland FC edlala kwiCastle Lager League kuleli sonto futhi uzwakalise injabulo yakhe ngohambo olusha lomsebenzi wakhe. 

IScottland FC yikilabhu la okudlala khona owayeyisihlabani seKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, uKhama Billiat. 

“Ngijabule ngokuba lapha kwiScottland FC,” kusho uDzvukamanja esitatimendeni esikhishwe yiqembu.

“Manje sengikulungele ukwamukela inselelo entsha futhi ngishaye amagoli ukusiza iqembu lithuthuke.”