
Isimume emphinjeni oweChiefs eyesimo sakhe neqembu
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uGiven Msimango, usezwakalise ukuphatheka kabi kwakhe ngokudonsa kanzima kwakamuva kweqembu.
Ekhuluma emcimbini obuseThekwini ngoMgqibelo, uMsimango uvumile ukuthi ujoyine iChiefs ukuze anqobe izindebe.
Kodwa njengamanje iChiefs ingaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili ahamba phambili kwiBetway Premiership.
Lokhu kulandela uchungechunge lwemiphumela engemihle yaleli qembu eselingaphansi kukaNasreddine Nabi.
Izobhekana neChippa United ngeSonto eMoses Mabhida Stadium, ngethemba lokuthi izoguqula izinto, ivale unyaka ngenothi elihle.
Khonamanjalo, izimbangi i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns zisaqhubeka nokubusa.
ISundowns ihamba phambili kwiligi, kanti iPirates isanda kuthola indebe yeMTN8 okwesithathu kulandelana.
Ukuphawula kukaMsimango kugqamisa ingcindezi ekhulayo yokuthi iChiefs iphinde inqobe futhi iqhudelane nezimbangi zayo ezisefomini.
“Kuyasizwisa ubuhlungu njengabadlali ukubona ikilabhu ingenzi kahle njengokulindelekile.
“Futhi ingabi sezingeni lokuncintisana namanye amaqembu amakhulu ngendlela efanele,” kusho uMsimango.
“Njengoba bengike ngasho phambilini, yonke into incike ekutheni uziphethe kanjani njengomdlali okhokhelwayo.
“Awukwazi ukufaka imizwa uma ukhuluma ngebhola, ngoba kuhlezi kuyizinto ezenzekile ezibalulekile.
“Futhi iqiniso wukuthi asenzi kahle okwamanje futhi kuyiqiniso ukuthi siyazama ukushintsha izinto.
“Mayelana nokuthi amanye amaqembu enza kahle kanjani, siyawahalalisela – siyayihalalisela iSundowns esineminyaka izenzela.
“Njengamanje, iPirates yenza kahle, kukhombisa ukuthi uma ulwethemba uhlelo nabantu abaphethe…
“…Weseka abaqeqeshi kahle futhi lokho kuyabonakala ngezindebe abazinqobile.
“Sihalalisela iPirates kodwa thina okusifanele wukugxila kwiKaizer Chiefs nokulungisa amaphutha ethu.
“Ngomusa kaMdali, singakwazi ukuguqula izinto,” kuchaza uMsimango.
UMsimango, ojoyine iChiefs esuka kwiTS Galaxy ekuqaleni kwesizini edlule, ugcizelele isifiso sakhe sokuphumelela kuleli qembu.
“Kimina, ngesikhathi ngisayina kuleli qembu kwaba yisifiso ukuletha impumelelo kwiKaizer Chiefs,” usho kanje.
“Impumelelo ke iza nezindebe, iza nezinto ozinqobile futhi ngibona sengathi ngiliphoxile iqembu, nami kwamina ngaziphoxa.
“Kodwa uhambo luyaqhubeka. Ngisenenkontileka neqembu, ngisenalo ithuba lokumela iqembu.
“Ngakho-ke, umgomo wami awusoze wehla ngoba ngehlulekile izikhathi ezimbalwa lapha nalaphaya.
“Kodwa ngizoqhubeka nokusebenza kanzima futhi ngizame ukuziphendulela mina neqembu lami.”
UMsimango usedlale imidlalo emine kuphela yeligi kule sizini.
