EzintshaNedbank Cup

Okwenza oweSundowns angayithathi kancane iKaizer Chiefs

AMasandawana asefomini enhle futhi aseshaye kalula Amakhosi emidlalweni emihlanu edlule phakathi kwala maqembu kuyona yonke imiqhudelwano.

IKaizer Chiefs inenye yamasizini anzima kanti imiphumela yakamuva ishiye imibuzo ngaleli qembu likaNasreddine Nabi.

Leli qembu elizinze eNaturena alinayo iwini emidlalweni emine edlule, lihlulwe kwemine, ladlala ngokulingana kwemibili kweyeligi.

Ngokusekelwe efomini nasekwakhekeni kwamaqembu, iMamelodi Sundowns iyizintandokazi zokunqoba owandulela owamanqamu weNedbank Cup eLoftus Stadium ngeSonto ebusuku.

Kodwa umqeqeshi wayo, uMiguel Cardoso, ukhiphe impendulo ekhombisa ukuyihlonipha iChiefs ngesikhathi ebuzwa ngeqembu lakhe elibonwa njengezintandokazi kulo mdlalo omkhulu. 

“Njengoba sesibheke emaphethelweni omqhudelwano, kusobala ukuthi izinga lezimbangi nalo liyakhuphuka, liya ngokuqina,” kusho uCardoso. 

Ubekhuluma nabezindaba engqungqutheleni ebisekomkhulu leNedbank, eSandton, eGoli ngoLwesine.

“Sidlala nelinye lamaqembu anomlando omkhulu ebholeni laseNingizimu Afrika,” kwengeza lo mqeqeshi odabuka ePortugal. 

UMiguel Cardoso uthe iKaizer Chiefs ithwalise iMamelodi Sundowns kanzima ngesikhathi lamaqembu egcina ukuhlangana yize iqembu lakhe langoba. 

“Kudingeka sibanake kakhulu ngoba ngesikhathi sibadlala nabo kwiligi, kube wumdlalo onzima kakhulu. 

“Bayiqembu eliqinile futhi eliqeqesheke kahle ngakho sidinga ukuwakhipha wonke amandla ethu uma sifuna ukunqoba lo mdlalo futhi sifinyelele kowamanqamu. 

“Sidinga ukunyusa iSundowns siyibeke ezingeni eliphezulu kakhulu lomfutho namandla okudlala ukuze sikwazi ukubhekana nenselelo ezovela kule mizuzu engu-90.”