
UNabi ‘useyisusile inomfi’ ebebambe iChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usenxuse abadlali bakhe ukuthi bakhohlwe wukwehluleka kwabo emidlalweni embalwa edlule.
Lokhu kunjengoba belungiselela umdlalo obalulekile kakhulu owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup.
Amakhosi azobhekana neMamelodi Sundowns kulo mdlalo obhekwe ngabomvu ngeSonto ebusuku.
IKaizer Chiefs ayikanqobi emidlalweni yayo emine yokugcina kanti uNasreddine Nabi ubheke bavuke ngalo oseLoftus Stadium.
Seyihlulwe kabili yabe seyidlala ngokulingana kabili emidlalweni yakamuva, okususe ukungabaza ngenqubekela phambili yeqembu.
Lo mqhudelwano wmkhumulajezi ohamba no-R7 million kozowunqoba, uyithuba lokugcina leChiefs lokuqeda iphethe okuthile esandleni.
UNasreddine Nabi usenengcindezi enkulu futhi ukuphela kwendlela angashweleza ngayo kubalandeli beKaizer Chiefs wukwenza kahle kwiNedbank Cup.
Usenxuse abadlali bakhe ukuthi basukume bazilwele uma sebebhekane namaBrazilians, ukuze bazibekisele indawo kowamanqamu.
“Kulo mdlalo, angicabangi nje ngami kuphela kodwa ngicabanga ngabalandeli neqembu lilonke,” kusho uNabi kwabezindaba.
Ubekhuluma esithangamini sabezindaba ekomkhulu leNedbank eSandton, eGoli ngoLwesine.
“Kubadlali bethu, ngicabanga ukuthi leli yithuba elikhulu lokuthi sibhale umlando omusha ngokuthi iqembu lingene kowamanqamu futhi liwine indebe.”
Lo mqeqeshi odabuka eTunisia uvumile ukuthi isimo besingesihle eqenjini ngemuva kwemidlalo embalwa edlule.
“Imidlalo emithathu yokugcina ibinzima kakhulu kithina ngoba kusukela ekuqaleni, sihlala sinezinkinga uma sibheke namaqembu esivame ukuba ngcono kunawo.
“Sixoxisene nabadlali ukuthola ukuthi yini inkinga nokuthi singasilungisa kanjani isimo.
“Sibe nemihlangano eminingi nabadlali ukuhlaziya isimo seqembu sisonke.
“Sekudlulile manje, futhi sisesimweni esihle manje njengoba siya emdlalweni olandelayo.”
AMasandawana azokhuthazeka kakhulu ngemuva kokufinyelela ngempumelelo kowandulela owamanqamu kwiCaf Champions League.
Azozethenjiswa nawukuthi anerekhodi elihle uma edlala neChiefs, njengoba enqobe imidlalo emihlanu edlule phakathi kwabo.
