EzintshaKaizer Chiefs

Isikhulu siveza izinhlelo ngeToyota Cup – sinomlando ebholeni

USuzan ungunina wesihlabani sebhola esesathatha umhlalaphansi uThuso Phala owazakhela igama kwiKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns, neSuperSport United.

Ekhuluma neLisenethini, uKhathutshelo Mbanda uthe waqala ukusebenza ngebhola kwiBidvest Wits ngonyaka ka-2009 esebenza nabaqeqeshi abafana noRoger De Sa. 

Washiya kwiWits wajoyina i-University of Pretoria njengemenenja yeqembu futhi wahlala khona iminyaka eminingi.

Yize esashiya ebholeni, uKhathutshelo Mbanda, odabuka eVenda, eLimpopo, uthi alikaphumi kuye ngoba selisegazini. 

Njengesikhulu esibhekelele ezokumaketha kwaToyota, ungomunye wabaphambili kwiToyota Cup edlalwa yiKaizer Chiefs neqembu langaphandle. 

IToyota ingabaxhasi beChiefs. Lo mqhudelwano wangaphambi kwesizini uzoba seThekwini kulokhu.

Uzodlalwa eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kanti iChiefs izogadulisana ne-Asante Kotoko yaseGhana kulokhu – umdlalo uqala ngo-3 ntambama. 

UKhathutshelo ube eselandisa iLisenethini ngezinhlelo zabo ngeToyota Cup.

Uthe ngaphezu kwalo mdlalo ovele usubhekwe ngabomvu, kuzoba khona nezinhlelo ezifaka abalandeli.

Ezinye zazo wukuthi kunomlandeli ozoziwinela imonto entsha sha, bese kuba nemidlalo yabalandeli.

“Kulabo abahamba ngezimoto zakwaToyota, bazoba nendawo yabo ekhethekile abazopaka kuyo eMoses Mabhida ngoMgqibelo,” kusho le ntokazi. 

“IToyota Cup siyiqale ngonyaka odlule lapho iKaizer Chiefs idlale khona neYoung Africans yaseTanzania eFree State… 

“Izinhlelo zikhomba ukuthi singase siwuhambise izwe lonke lo mdlalo ngoba usuqalile ukuba nesasasa elikhulu.” Ngaphezu kokuba wumdlalo, le ndebe iqinisa nobudlelwano bezemidlalo phakathi kwamazwe ehlukene.

Izingwazi zeKaizer Chiefs uSiyabonga Nomvete noStanton Fredricks beziseGhana la beziyokotha khona inkosi yesizwe samaKotoko. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO