Ezintsha

Isikhulu se-Arrows sincoma umthelela kaManqoba Mngqithi

Udaba ngu-Alfred Ngubane

UDlamini uthi uManqoba Mngqithi usekhule waba ngomunye wabaqeqeshi abaphelele kuleli.

Uthi usebenzisa ulwazi lwakhe aluthole kade ekwiMamelodi Sundowns ukwakha iqembu eliqinile nelingesabi lutho kwi-Arrows.

“Uthuthukisa abadlali abasebancane abangenawo amagama amakhulu, kodwa usuyabona ukuthi bazoba amaqhawe. 

“Uyabalola futhi bazogcina befike ezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho uDlamini.

I-Arrows kaMngqithi ikhombise ukuthuthuka ngendlela emangalisayo kule sizini futhi isithole imiphumela emangalisayo. 

Leli qembu kumanje selidlulele kowandulela owamanqamu kwiCarling Knockout, kanti uDlamini usevele unamaphupho amakhulu ngale ndebe.

“Ngikholwa wukuthi singayiwina iCarling Knockout ngenxa yomsebenzi owenziwa uManqoba.

“Leli qembu useliphendule laba ngamaqhawe, laba bafana abasabi lutho manje,” kwengeza uDlamini ngokuzethemba.

Uphinde wancoma ubungcweti nobuholi balo mqeqeshi, wathi indlela ahlonipha ngayo ibhola seyisuleleke nakubadlali.

“Leyo nhlonipho yakhe ilethe ubumbano nokuzethemba eqenjini — kuyabonakala endleleni abadlala ngayo,” kuqhuba uDlamini.

Lesi sikhulu se-Arrows siphinde saveza ukuthi uMngqithi usethule abadlali abancane abathokozisayo nabazoba yikusasa leqembu.

Phakathi kwabo kukhona noMlondi Mtshali oneminyaka engu-15, oseyingxenye yeqembu elikhulu.

UMtshali wethulwe esidlangalaleni ngempelasonto edlule kanti kuthiwa uyithalente elithokozisayo elingadedelwa maduze.

“UMtshali ungumdlali okhethekile — usezingeni eliphezulu kakhulu ngokweminyaka yakhe,” kuphetha uDlamini.