EzintshaKaizer Chiefs

Ishiphelene kubadlali nabaqeqeshi kwiChiefs? UMaboe uyaphendula

Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uLebohang Maboe usevikele abaqeqeshi uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef abangaphansi kwengcindezi.

Uzichithile izinsolo zokuthi isishiphelene phakathi kwalaba bobabili nabadlali njengoba iqembu belisesimweni esinzima.

IKaizer Chiefs ibisihlulwe imidlalo emine kulandelana ngaphambi komdlalo wangeSonto neDurban City. 

Lokhu kwehla komgqigqo kuholele ekutheni kube namahlebeni okungaboni ngaso linye phakathi kwabadlali abadala nethimba labaqeqeshi. 

Kodwa uMaboe, nokho, uyagcizelela ukuthi iqembu lisabeseka ngokuphelele abaqeqeshi.

“Ayikho into enjalo,” kugcizelela uMaboe. “Laba ngabaqeqeshi nabaholi bethu. 

“Kithina njengabaholi, siyahambisana nemibono yabo, okuwukusiza iqembu ukuthi lithole amaphuzu futhi liwine umdlalo ngamunye.”

Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala uvumile ukuthi “isimo sengqondo esibi” sakamuva ekilabhini besidinga izingxoxo eziqotho. 

UMaboe ucele ozakwabo ukuthi babuke esibukweni ngaphambi kokukhomba abanye abantu ngeminwe.

“Ngicabanga ukuthi sizinuke amakhwapha thins kuqala sizibuze ukuthi yini engingayenzi kahle ngaphambi kokubheka abanye,” kusho uMaboe. 

“Kuyishwa ukuthi okwenzeke emasontweni amathathu edlule kulimaze umsebenzi ebesiwenza ezinyangeni ezintathu ezedlule. 

“Kodwa sizohlala ethembeni lokuthi zizojika izinto maduze.”

UMaboe uzibeke njengomholi wangempela kule nkinga ebhekene neKaizer Chiefs.