EzintshaOrlando Pirates

IPirates seyiqinisekise isikwati sayo seka-2024/25 

  • Sibongiseni Gumbi

Njengoba idedele abadlali abanamava namagama, bekulindeleke ukuthi iPirates isayine noma abanye ababili okungenani abanamava namagama. 

Kodwa ngokuma kwezinto njengamanje, kubukeka kungeke kusenzeka lokho njengoba izikhala zivalwe ngabafana abancane.

Lokhu kuveza ngokusobala umbono omuhle waleli qembu wokwakha iqembu elizodlala ndawonye isikhathi eside. 

Kubadlali abadedelwe yiPirates singabala oFortune Makaringe, Vincent Pule, Richard Ofori, Siyabonga Mpontshane, Kermit Erasmus noSoiaiobou Marou. 

Bahambe ekupheleni kwesizini belandela uThembinkosi Lorch obedayiselwe iMamelodi Sundowns ngoJanuwari. 

Ezikhundleni zabo kungene abafana abasebancane kuphela kanti umdlali onegama osayimiwe uGilberto wase-Angola kuphela. 

Leli nxele elidle ngebhola elinomjiko, selivele libhekwe ngabomvu njengoba ozakwabo bemncome kakhulu bethi uletha isinongo esijabulisayo. 

Omunye umdlali osayiniwe omusha eqenjini uSelaelo Rasebotja obekwiSuperSport United. Abanye abasha seqenjini abafana abanyuswe besuka ezinkulisa. 

Omunye oqaphelekayo uBoitumelo Radiopane obuyiselwe kwiPirates esuka kwiCape Town Spurs la abebolekiswe khona kulamasizini amabili edlule. 

Izikhala zikaMpontshane no-Ofori zivalwe ngabafana abancane oSiyabonga Dladla no-Ayanda Zulu. 

Selilonke leli qembu lePirates labadlali abangu-36 liboshelwe kanje

  • Onozinti: Sipho Chaine (24) ; Melusi Buthelezi (35); Ayanda Zulu (41) noSiyabonga Dladla (40)
  • Emuva: Thabiso Monyane (2); Nkosinathi Sibisi (5); Olisa Ndah  (6); Tapelo Xoki (27); Thabiso Lebitso (37) Paseka Mako (29) Innocent Maela (23) Thabiso Sesane (36); Badile Shandu (26); Sandile Mthethwa (39)
  • Esiswini: Miguel Timm (4); Deon Hotto (7); Gilberto (11); Katlego Otladisa (12); Monnapule Saleng (14); Phillip Ndlondlo (15); Thalente Mbatha (16); Kabelo Dlamini (18); Goodman Mosele (20); Lesedi Kapinga (21); Karim Kimvuide (25); Patrick Mswanganyi (28); Sephelo Baloni (30); Selaelo Rasebotja (31); Thuso Moleleki (32); Mohau Nkota (33); Azola Matrose (34); Relebohile Mofokeng (38); Makhehleni Makhaula (8).
  • Phambili: Zakhele Lepasa (9); Evidence Makgopa (17); Boitumelo Radiopane (42)