
ISekhukhune ifuna ukwakhela ngamaqubu eRichards Bay
I-Sekhukhune United kubikwa ukuthi ifuna ukuqinisa ithimba layo labaqeqeshi ngokuphuca i-Richards Bay FC omunye wabaqeqeshi bayo.
Leli qembu laseLimpopo lisanda kuqoka obengumqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze njengomqeqeshi walo ngemuva kokuxosha u-Eric Tinkler ngasekupheleni kwesizini edlule.
UKaze ushiye iChiefs ekupheleni kwesizini ka-2025/26 ngesikhathi kuphela inkontileka yakhe, kwathi noKhalil Ben Youssef wahamba naye eNaturena.
ISekhukhune isivele imgcinile uPaulus Masehe njengephini lomqeqeshi njengoba enolwazi lweqembu.
Kodwa manje sekuvela ukuthi ifuna uZothwane ukuze iqinise kahle ithimba likaKaze ngaphambi kokuqala kwamalungiselelo esizini entsha.
UZothwane ufunwa yi-Sekhukhune United nje ujoyine i-Richards Bay ngoJanuwari ka-2025, kanti usebenza ngokubambisana noRonnie Gabriel.
Laba baqeqeshi basize iRich Boyz ukuthi igweme izembe lokwehla esigabeni futhi baletha uzinzo ngesikhathi iqembu libhekene nezikhathi ezinzima.
- FUNDA NALA | ISiwelele izihlela kabusha, ibutha abangaphandle
Uma lesi sivumelwano siphumelela, uZothwane uzoletha ulwazi olunzulu lweBetway Premiership kwiSekhukhune njengoba iqembu lihlose ukuba nesizini eqinile ngo-2026/27.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
