UMotaung Jr. ucacisa eyabadlali abasazosayinwa kwiChiefs
- Alfred Ngubane
UKaizer Motaung Junior, ongumqondisi kwiKaizer Chiefs, uthi umdlalo wabo neYoung Africans ubavule amehlo ngabadlali abadingakalayo ukuqinisa iqembu.
Uthi babonile lapho bedinga khona abadlali abanamava abazoqinisa lapho ixega khona iChiefs.
UMotaung Junior uphinde waveza ukuthi incwadi yamasheke isavuliwe ukuthenga laba badlali abadingekayo abanesipiliyoni esinqala.
“Sibonile sonke lapho sisashoda khona okumele siqinise, isheke lisavuliwe, sisazoqinisa lapho sibona ukuthi siyashoda khona ngesipiliyoni,” kusho yena.
IChiefs iphenyeke izinqe kulo mdlalo ophele eshaywe kuwo ngo 4-0 yilabo mpetha baseTanzania abebezenzela kuyo.
Kugqame okwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi uNasreddine Nabi ngeke ayiyisendawo iChiefs uma ngabe ezoqhubeka nabadlali abancane abangenaso isipiliyoni.
Kubadlali abaqalise lo mdlalo singabala oMduduzi Tshabalala, uMfundo Vilakazi, uNkosana Mbuthu, noNkosingiphile Ngcobo.
Khonamanjalo, uJessica Motaung uqinisekise ukuthi iChiefs izophothula amalungiselelo ayo okuqala kweBetway Premiership eBotswana.
OLUNYE UDABA: Umacekeceke waMaZulu unesicelo esisodwa kuCijimpi
IChiefs iqale amalungiselelo esizini entsha ekhempini ebiseTurkey lapho ihlale khona amasonto amathathu yabuya ngoba izodlala iToyota Cup eBloemfontein.