
IPirates ishaye eseMagesi e-Algeria koweChampions League
- Sibongiseni GUMBI
Ilale isendaweni yesibili i-Orlando Pirates kulandela ukusebenza kanzima ukunqoba kwiCR Belouizdad yase-Algeria ngo 2-1 ngoLwesibili ebusuku.
Lezi zinkunzi zaseNingizimu Afrika zinamaphuzu amathathu kuGroup C, zilandela i-Al Ahly nayo enamaphuzu afanayo.
Izinkunzi zase-Egypt ziphambili ngenxa yamagoli, kodwa iPirates kwale kancane igxume izeqe.
IPirates izibeke ethubeni elihle lokunqoba lomdlalo zisuka nje, njengoba ingakhombisanga ukuthi isekuhambeni, yathatha umdlalo yawusa kwiBelouizdad.
Lokhu kube nomthelela omuhle njengoba kuyenze yahamba phambili ngomzuzu wesihlanu, uMohau Nkota eshaya igoli lokuqala.
Ithe isathuswe yilokho iBelouizdad, wabuya uNkota ngomzuzu ka-27 eshaya elihle igoli elenze kwacaca ukuthi eziMnyama ziyakufuna ukubuya zinqobile.
Udedele udalimede weshodi engaphandle kwebhokisi, walizwa ngoba selihaza ezintanjeni zenethi unozinti weBelouizdad ukuthi selisenethini.
Ibingawathola amanye amagoli ngemuva kwalokho, kodwa kuze kwayiwa ekhefini isenamagoli amabili kuphela.
Nasekuqaleni kwesiwombe sesibili kuke kwangathi iPirates izolithola igoli lesithathu, kodwa yangakwazi ukulithola.
Kuthe sekusele imizuzu engu-24 umdlalo uphele, yabuya iBelouizdad yathola igoli lokuthi ivale ihlazo, ingasali isishayiswa okweminqolo ingagadlanga nakanye isekhaya.
Umdlalo olandelayo wePirates kwiChampions League uzoba sekhaya e-Orlando Stadium ngoDisemba 7.
Izobe ivakashelwe ngompetha abavikela le ndebe, i-Al Ahly okuyiyo eqhwakele kuleli qoqo ngemuva kokushaya iStade d’Abijan ngo 4-2 ngawo uLwesibili.
