
Okwenze owePanama avume uRele Mofokeng kwabeBafana
Umqeqeshi wePanama, uThomas Christiansen uhlonze uRele Mofokeng njengomunye wabadlali abahle kwiBafana Bafana.
IPanama ibhekane neBafana emidlalweni yobungani emibili, yanqoba owodwa yabe seyidlala ngokulingana komunye.
Ukunqoba kwayo ngo 2-1 ngoLwesibili kufakazele ukuthi kungani ikleliswe phezulu kakhulu kuneqembu likaHugo Broos.
URele Mofokeng udlale kuyo yomibili imidlalo futhi wahlaba umxhwele, ikakhulukazi emdlalweni wesibili lapho akhe khona amathuba amaningi.
“UMofokeng ungumdlali omuhle kakhulu. Wenza umehluko,” kusho uChristiansen.
“Uyashesha, futhi unamandla kakhulu. Uyakwazi ukufunda umdlalo nokubona izikhala.”
Lo mqeqeshi wePanama uphinde wagqamisa ukubaluleka kukaRele Mofokeng njengomdlali onekusasa.
“Njengoba esengumdlali osemusha nje, ubaluleke kakhulu eqenjini,” kwengeza lo mqeqeshi.
UChristiansen uncome nabanye abadlali beBafana okubalwa kubo uLyle Foster, uBongokuhle Hlongwane noMbekezeli Mbokazi.
“Kukhona uFoster phambili onamava, abadlali basesiswini abavala isikhala, nonozinti omuhle,” kuqhuba yena.
“Kukhona noMbokazi naye ongumdlali wasemuva osezingeni eliphezulu.”
Elinye lamathuba amahle akhiwe uRele Mofokeng liwele kuHlongwane, kodwa walishweba.
Ngokuhamba ukhishiwe kwangena uThemba Zwane endaweni yakhe kanti lo makadebona nguye ophasele uMbokazi ibhola ashaye ngalo igoli.
