DStv Premiership

IPirates idalula ozogqoka uNombolo 10

  • Intatheli yeLISENETHINI

Nokho le Nombolo uMaswanganyi uzoyigqoka emidlalweni yeCaf Champions League kuphela.

Kweyakuleli, akekho osebenzisa le nombolo njengoba iqembu lahlonipha ngayo inkakha yayo uJomo Sono. 

Yize uSono ehlale esho ukuthi yena akanankinga noma ingadedelwa kube khona oyisebenzisayo, iPirates yanquma ukuyibeka. 

Ezinye izinombolo ezingasetshenziswa kwiPirates nguNombolo 22 noNombolo 13. 

UNombolo 22 yahlonipha ngaye owayengumgadli wayo, uLesley Manyathela owashona engozini yemoto eminyakeni engu-21 edlule. 

UNombolo 13 yena kwahlonishwa ngayo uClofford Moleko naye owashona engozini yemoto.