
Inyunyana ilwela owelePSL oholelwe uR1 000 waxoshwa
- Intatheli yeLISENETHINI
I-Football Union of Sout Africa (Fusa) isola ikilabhu yeMotsepe Foundation Championship, iLeruma FC ngokwehluleka ukulandela imigudu efanele ngesikhathi ixosha omunye wabadlali bayo.
Ngokusho kweFusa, ikilabhu iyishaye indiva imithetho yeLabour Relations Act (LRA) neCode of Good Practice (COGP).
Umdlali uxoshwe ngaphandle kophenyo olufanele noma ukunikwa ithuba lokuziphendulela, futhi akazange atshelwe isizathu sokuxoshwa kwakhe.
Ekhuluma nabeFARPost, unobhala-jikelele weFusa, uTaelo Motloung, uzwakalise ukukhathazeka ngalezi zenzo.
“I-Fusa ngeke ikubekezelele ukuxhashazwa kwabadlali,” usho kanje. “Abadlali bafanelwe ukuphathwa ngesizotha nangenhlonipho, okuhlanganisa nokunxeshezelwa ngendlela efanele ngomsebenzi wabo.”
Umdlali okukhulunywa ngaye kumanje ufuna isinxephezelo ngokulahlekelwa umholo. Ufuna isamba sika-R78 669.06 kwiLeruma FC.
ULeruma Thobejane, ongumnikazi weLeruma FC uziphikile lezi zinsolo. Uchaze ukuthi ubazisile abadlali ngohlelo lokukhokhelwa kwabo ngokomsebenzi abawenzile.
“Babili abadlali abathi baxoshwe ngokungafanele, kodwa lokho kuphakathi kwabo nekilabhu,” kusho uThobejane.
“Kwesinye isikhathi uma abantu bengathembekile, bakuxoxela indaba kodwa abakwazi ukuyisekela ngobufakazi.”
Ngaphezu kwaleli cala, iFusa izwakalise ukukhathazeka ngomdlali wesibili naye othi uphathwa ngendlela engafanele.
Lo mdlali kubikwa ukuthi ubehola u-R2 000 kuphela ngenyanga, okuqubule eminye imibuzo mayelana nokuphathwa kwabadlali kule kilabhu.
Izinsolo ezibhekiswe kwiLeruma FC zigqamisa izinkinga ezijulile emakilabhini ePremier Soccer League (PSL).
Abadlali abasemaqenjini asezingeni eliphansi bavame ukuholelwa kancane futhi babhekane nezimo zokusebenza ezingalungile.
