Bafana BafanaEzintsha

Inqobile iBafana, yebo, kodwa kunengozi eyilengelayo

URelebohile Mofokeng noJayden Adams bashaye amagoli abalulekile esiwombeni sesibili somdlalo obushubile ePeter Mokaba Stadium ebigcwele phama ePolokwane. 

Ukunqoba kusize iBafana Bafana yagxumela esicongweni kuGroup C ngemuva kwemidlalo emihlanu. 

Isizobhekana neBenin e-Ivory Coast ngoLwesibili komunye umdlalo okufanele iwunqobe ngendlela egculisayo ukuze igcine amathemba ayo okungena kulo mqhudelwano ephila. 

Njengoba iBafana Bafana inqobile, futhi isizwe sijabule, kukhona nokho ukukhathazeka ngaleli qembu likaHugo Broos. 

Ukwesekwa kweqembu sekubuyile, futhi nomaphi lapho lidlala khona liheha izinkumbi zabantu ngemuva kokudlala kahle kwiCaf Africa Cup of Nations yokugcina.

Yaqeda endaweni yesithathu, futhi yangena kalula kwi-Afcno elandelayo. Kodwa esikhathini esingangonyaka, iqembu selishintshe cishe lonke.

Eqenjini eladlalw kwi-Afcon ngonyaka odlule, bahlanu kuphela abadlali abasele eqenjini langoLwesihlanu elingene enkundleni. 

Unozinti uRonwen Williams, umdlali wasesiswini uTeboho Mokoena, umdlali wasemuva uKhuliso Mudau nabagadli o-Elias Mokwana noPercy Tau yibona kuphela abasele eqenjini. 

Lokhu kumele kusikhathaze ngokusho kukangoti webhola lakuleli ocele ukuthi singalisho igama lakhe okwamanje. 

Ngesikhathi kugujwa ukunqoba, uxwayise ngokuthi ukujabula ngokweqile kungaba yingozi. 

Ugcizelele ukubaluleka kokuthola amanye amaphuzu amathathu emdlalweni weBenin ngoLwesibili.

“Uma singawini, iNigeria izoba ngemuva kwethu ngephuzu elilodwa noma amabili nje kuphela,” usho kanje. 

“Mhlawumbe abantu bazobona lapho ke ukuthi beyivele isondele kanjani kithi.”

INigeria ithwale kanzima kweyokuhlunga, kodwa iseyingozi enkulu. Ukholwa ukuthi yilona kuphela iqembu kuGroup C elingakwazi ukunqoba yonke imidlalo yalo emihlanu esele.

“Yilokho engikubona kungase kwenzeke. Ngalokho angiqondile ukuveza ububi, kodwa ngikhuluma iqiniso ngegnikubukayo.”

Ugcizelele ukuthi umzuzu omqoka kuleli qembu uzofika ngoSepthemba uma sekudlalwa imidlalo yomzuliswano wesikhombisa nowesishiyagalombili.

“Isimo sethu sizocaca lapho. Ungangicaphuni okwamanje, angifuni ukudikibalisa labo asebephupha ngeNdebe yoMhlaba nje kuphela, hhayi okunye. 

“Bangase bacabange ukuthi ngiingumuntu omubi ongalifiselo okuhle izwe lethu.” 

Uqhube wathi iBafana yikhathi yakha kabusha ekubeni amanye amaqembu eqoqweni asethuthukile kulokhu abeyikho.

Uveze ukuthi eqenjini leNigeria ebelidlala ngoLwesihlanu behlula iRwanda ngo 2-0, bekunabadlali abayisishiyagalombili ababekhona kwi-Afcon yangonyaka adlule.