EzintshaOrlando Pirates

Inkakha yePirates iveza okwenze kudedelwe u-Olisa Ndah

UMhlongo ukholwa ukuthi isikhathi nomgqigqi weqembu kube neqhaza elikhulu ekutheni kuthathwe isinqumo sokumdedela.

U-Olisa Ndah usanda kuhlukana nePirates ngemuva kwamasizini amane ekuleli qembu, alijoyina esuka kwelaseNigeria i-Akwa United. 

Ukuhamba kwakhe kumangaze abaningi, ikakhulukazi ngemuva kokuthi iPirates ibisanda kulahlekelwa umdlali wasemuva uMbekezeli Mbokazi odayiselwe iChicago Fire.

Nokho uNdah ubengakaze adlale kwiPirates kule sizini ngenxa yokuthi isizimi iqale elimele obekumhlalise unyaka wonke engadlali.

“Kungcono ukuthi athuthele kwelinye iqembu lapho angadlala khona njalo,” kusho uMhlongo kwiKickOff. 

“Ngemuva kokulimala, udinga isikhathi sokudlala ukuze wakhe kabusha ukuzethemba ubuyise nomgqigqo. 

“Ukuhlala isikhathi eside ungadlali kuyayibambezela leyo nqubo yokuzivuselela.”

UMhlongo ukholwa ukuthi umgqigqo wePirates nawo ube yisithiyo ekutheni lo mdlali wasemuva waseNigeria abuyele eqenjini.

“Iqembu liyawina futhi abadlali abakhona njengamanje benza kahle kakhulu,” kuqhuba uMhlongo. 

“Ukubuyisela uNdah eqenjini manje bekungase kuphazamise umgqigqo, futhi uma iqembu lihlulwa, bekungasolwa yena.

“Akazange ahluleke kwiPirates. IPirates njengamanje ijaha isicoco seligi, lokho kuza nengcindezi enkulu. 

“Badinga abadlali abangazokwazi ukungena egiyeni leqembu ngokushesha.”

Ngokusho kukaMhlongo, ukuqala kabusha kude nengcindezi yomjaho wesicoco kungasiza u-Olisa Ndah avuselele ifomu yakhe.

Kubhekwe ngabomvu ke ukuthi lo mdlali uzophelela kuliphi iqembu ikakhulukazi njengoba kuthiwa ufuna ukuhlala kwiBetway Premiership.