EzintshaKaizer Chiefs

Uphoqeka ukwenza izinguquko uNabi koweMagesi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs kuzomele alijike iqembu lakhe emdlalweni wayo weBetway Premiership neMagesi FC ngoLwesithathu ePeter Mokaba Stadium ePolokwane. 

Kunabadlali ababili ajwayele ukuqala ngabo imidlalo angeke akwazi ukubasebenzisa kulo mdlalo obhekwe ngabomvu. 

Phela iMagesi isanda kubukisa nge-Orlando Pirates emdlalweni wendebe muva nje, kanti kubhekwe ukubona ukuthi ingakwenza yini lokho nakwiChiefs.

Lezi zinkunzi zaseSoweto zizodlala ekuhambeni naleli qembu elingomakoti kwiligi enkulu, kanti umdlalo uzoqala ngo-7:30 ebusuku. 

Womabili amaqembu abheke ukubuyela emgqigqweni kulandela imiphumela engemihle yakamuva. 

Ngempelasonto iChiefs ihlulwe ngo 1-0 yiSuperSport United, kwathi iMagesi yadlala ngokulingana ngo 0-0 neCape Town City.

Njengamanje iChiefs ihlezi endaweni yesishiyagalolunye kwilogi njengoba isanqobe kabili, yahlulwa kabili emidlalweni emine. 

IMagesi ihlezi endaweni ka-13 kulandela ukunqoba kanye, ukudlala ngokulingana kwemibili, nokuhlulwa kwemibili. 

Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi ufike kwabonakala izimpawu zokuthuthuka kuleli qembu, nokuyinto ekhulisa ithemba lokuthi zizojika izinto.

Umdlali wasemuva u-Inacio Miguel uzophuthelwa yilo mdlalo ngenxa yokumiswa umdlalo owodwa ngemuva kokuqoqa amakhadi aphuzi amane emidlalweni emihlanu edlule. 

UMiguel uzobe esekhona ngoMgqibelo, uma iChiefs seyibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weCarling Knockout Cup. 

Lo mdlali usephenduke omunye wabadlali abamqoka eqenjini elibunjwa uNabi kwiChiefs futhi nguye obamba ibhande lokukaputeni uYusuf Maart. 

Omunye umdlali ongekho u-Edson Castillo olimale bebhekene neSuperSport futhi ozohlala izinyanga okungenani ezine eselashwa. 

Njengoba uMiguel engekho, kuzothatha amehlo ukubona ukuthi uNabi uzokhetha bani ukuthi aqale esikhundleni sakhe futhi kungenzeka ukuthi kube uGiven Msimango.