
Seliqinisekisiwe izwe iPirates ezozicijela kulo isizini
I-Orlando Pirates isiliqinisekisile izwe lapho izobamba khona ikhempu yayo yokulungiselela isizini entsha.
Kumasizini amabili edlule, leli qembu laseSoweto liye e-Europe, ukuze libe nekhempu yokuzilolonga lapho abadlali bengagxila khona ngokugcwele.
Lesi sinyathelo kukholakala ukuthi sigqugquzelwe umqeqeshi wangaphambili, uJose Riveiro obefuna ukuba seduze nomndeni wakhe ngesikhathi ekwazi nokwenza umsebenzi wakhe.
Kodwa lo mqeqeshi waseSpain useyishiyile i-Orlando Pirates wajoyina iziqhwaga zase-Egypt i-Al Ahly azoya nayo kwiFifa Club World Cup.
Yize bekukholakala ukuthi i-Orlando Pirates izimisele ngokushintsha ikhempu yayo isuka eSpain iye eGermany, sekuvele ukuthi izobuyela kuleli zwe esililijwayele.
IPirates ikuqinisekisile ngoLwesine ukuthi ikhempu yayo elandelayo izophinde ibe seSpain nakuba idolobha noma isizinda singakadalulwa kuze kube manje.
Iqinisekise lokhu ngomncintiswano wayo wabalandeli ewenza ngokubambisana nabaxhasi bayo iVodacom.
Iqembu lizothatha abalandeli balo abahlanu lihambe nabo ohambweni lwalo lokulungiselela isizini.
“Ithuba lokugcina, Buccaneer!,” i-Orlando Pirates ibhale kanje ezinkundleni zokuxhumana.
“Wina uhambo lwaseSpain elikhokhelwe ngokugcwele neqembu kulo Julayi!”
Abalandeli abanenhlanhla bazowina lolu hambo futhi bazokhokhelwa indiza nendawo yokuhlala la iqembu lizobe lizinze khona.
Bazophinde bathole ukuzibandakanya neqembu ngesikhathi lizicijela isizini entsha, bathole ukuxoxa nokuhlala nabadlali nabaqeqeshi.
Izimbangi zayo, iKaizer Chiefs nayo inethuba elifanayo kubalandeli bayo kodwa ikhempu yayo yona izoba seNetherlands.
Ukuze bangenele, abalandeli bayelulekwa ukuthi bathenge ivawusha yedatha yeVodacom engu-R49 futhi bangenele umncintiswano lapha: http://bit.ly/4jFSnvn
