Betway PremEzintsha

Ingwazi inxusa uJunior Dion ukuthi ashiye i-Arrows

USede Junior Dion usezenzele igama eNingizimu Afrika, kanti manje enye yezingwazi zangakubo e-Ivory Coast imeluleka ukuthi athathe elinye igxathu emsebenzini wakhe.

Owayengunozinti we-Ivory Coast futhi owaba yingxenye yeqembu elanqoba i-Afcon ngo-2023, uBadra Ali Sangare, uthi uDion kufanele ashiye manje kwiGolden Arrows.

Empleni nje, ngokukaSangare, uDion sekumele ashiye eNingizimu Afrika ayothola inselelo nemali engcono kwenye indawo.

UDion, oneminyaka engu-27, uqede isizini edlule engumshayimagoli ohamba phambili kwiBetway Premiership ngamagoli angu-14.

Kule sizini usevele ushaye amane emidlalweni eyisishiyagalolunye emiqhudelwaneni ehlukene – mabili kwiligi. 

Ubonakala kakhulu uma ebhekene neMamelodi Sundowns, njengoba eseshaye amagoli amahlanu emidlalweni emihlanu edlule ebhekene nalezi zinkunzi zasePitori.

USangare ukholwa ukuthi uDion usekulungele ukudlulela eqenjini elikhulu.

“Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi esifanele sokuthi aye eqenjini elikhulu ngoba usalijwayele ibhola laseNingizimu Afrika. 

“Usesayayazi le ligi. Usekulungele ukudlulela ezingeni elilandelayo,” kusho uSangare kwiFARPost.

USede Junior Dion wafika eNingizimu Afrika ngo-Agasti 2021 esuka kwiJwaneng Galaxy yaseBotswana. 

Uqale wadlala kwiMarumo Gallants, walandelisa ngaMaZulu FC, ngaphambi kokuya kwiGolden Arrows.

Ngaphambi kokuqala kwale sizini, uDion kuke kwavela ukuthi ufuna ukushiya kwi-Arrows. 

Wafika sekwedlule isikhathi ekhempini yokulungiselela isizini ngesikhathi kuvela imibiko yokuthi i-Al Wasl yase-UAE iyamfuna.

USangare uthi uDion manje sekufanele acabange ngethuba lokwenza imali engcono ngebhola lakhe.

“Uma ngithola ithuba lokukhuluma naye, ngizomeluleka ukuthi aye ngaphandle kweNingizimu Afrika. Lolu daba lumayelana nemali,” kwengeza uSangare.

“Uma uthola imali engcono kwenye indawo, kufanele uhambe. Ebholeni awazi ukuthi kuzokwenzekani. 

“Mhlawumbe ungathola ukulimala kusasa. Uma kufika amatuba angcono, hamba. 

“Yonke into ebholeni imayelana nemali — ukuze ukwazi ukondla umndeni wakho.”

USede Junior Dion usevele uzakhele igama njengomdlali ogqama kakhulu uma ebhekene neSundowns kuleli, nangokuthi uyakwazi ukubhakuzisa inethi.

Manje uSangare ukholwa ukuthi isinyathelo sakhe esilandelayo kufanele simsize akhulise umsebenzi wakhe futhi aqinisekise ikusasa lomndeni wakhe.