
Luzwa olunye kwiRoyal AM kuhlela olwecala
- Intatheli yeLISENETHINI
IRoyal AM izoqala isizini yayo yesibili ingakwazi ukubhalisa abadlali abasha.
Lokhu kulandela isinqumo esiveze ukubambezeleka kokulalelwa kwesicelo sayo sokuhoxiswa kwalesi sigwebo seFifa.
ICourt of Arbitration for Sport (Cas) inqume ukuthi lesi sicelo sayo sesizolalelwa ngo-Okthoba 11.
IRoyal AM, ephethwe nguShauwn Mkhize, ibinethemba lokuthi izosichitha lesi sigwebo futhi beyilindele isinqumo ngoSepthemba.
Ummeli wayo umile kwelokuthi ngeke bamkhokhele umgadli uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million yesinxephezelo.
Lesi sigwebo sidlulela nasecaleni likaRicardo Nascimento, naye owayimangalela kwiFifa iRoyal AM.
Kuze kube iyayikhokha imali eyikweleta laba badlali, le kilabhu ayikwazi ukusayinisa abadlali abasha.
Ummeli weRoyal AM, uLeruma Thobejane, ubelindele isinqumo ngoSepthemba 15.
ICas ikuqinisekisile kuleli sonto ukuthi isinqumo sokugcina sizophuma ngo-Okthoba, okuyisikhathi okuzobe sekuvalwe ngaso iwindi lokusayina abadlali.
Lokhu kusho ukuthi umqeqeshi uJohn Maduka kuzomele asebenze nesikwati sakhe anaso njengamanje, nakuba eselahlekelwe abadlali abaningi.
Lesi sigwebo sivimbela le kilabhu nasekusayineni abadlali benkulisa.
Lokhu sekwenze ingakwazi ukudlala imidlalo yayo yeDStv Diski Challenge ngenxa yokushoda ngabadlali.
