
UMbatha uphinde wayikhipha obishini olubi iBafana
- Sibongiseni GUMBI
UThalente Mbatha uphinde waba ngumsindisi weBafana Bafana ngesikhathi ephinda eshaya igoli ngomzuzu wokugcina inqoba ngo 3-2 ekuhambeni.
Lo mdlali wasesiswini we-Orlando Pirates usuke ebhentshini washaya igoli elinqobise iBafana ibhekene neSouth Sudan ngoLwesibili ntambama.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala wenze okufanayo nangoLwesihlanu e-Orlando Stadium.
Wangena esuka ebhentshini wafike washaya igoli lokulinganisa sekuvalwe amehlo bebhekene ne-Uganda.
Nendlela awashaye ngayo lamagoli akhe icishe ifane njengoba ededele udalimede ngonyawo lwesinxele kwazise yena uyikudla.
Lokhu kuwina kwenza iBafana ibuyisele umkhankaso wayo wokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025 emgqeni.
Bekubukeka sengathi umdlalo uzophela zibambene ngo 2-2 kodwa uMbatha washaya elihle igoli ngonyawo lwesokunxele.
Lokhu kushiye abadlali beSouth Sudan nabalandeli babo abebenomdlandla omangalisayo bengakholwa futhi bekhihla isililo.
Ukudlala ngokulingana bekuzoba wumphumela omuhle kakhulu kuleli qembu laseSouth Sudan.
IBafana isinamaphuzu amane, alingana nawe-Uganda eqhwakele kuGroup K ngenxa yomehluko wamagoli.
ISouth Sudan isahlezi emsileni njengoba isahlulwe kuyona yomibili imidlalo yayo yokuqala ibhekene neCongo neNingizimu Afrika.
