
UMalisela ‘uyalazi’ ibhola elizodlalwa yiChiefs kaNabi
- Intatheli yeLISENETHINI
UDan Malesela usewenzile umsebenzi wakhe wokuthola ulwazi ngozakwabo weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi.
Lo mqeqeshi weMarumo Gallants nguye ozoba ngowokuqala ukuzwana amandla noNabi othwelwe ngeqoma ukuthi ajike izinto kwiChiefs.
IGallants izokwamukela Amakhosi ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama eFree State Stadium, eBloemfontein.
Ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kwethulwa iBetway Premiership muva nje, uMalesela uthe unethemba lokuthi uzokwazi ukuhliphiza umsebenzi kaNabi.
“Kuyisibusiso ukuthi siqale ngeKaizer Chiefs ngoba wonke umlandeli uzofuna ukuba senkundleni,” kusho uMalesela.
“Bheka, sizamile ukubheka ukuthi amanye amaqembu (uNabi) ayewaqeqesha ayedlala kanjani nakho konke lokho.
“Kodwa awukwazi ukuthola ulwazi olwanele uma kukhona ushintsho lwabadlali.
“Awukwazi ukufunda lukhulu kobekwenziwa elinye iqembu ngoba unabadlali abahlukile manje,” kwengeza UBra Dance.
“Ngisho nangosuku lomdlalo. Ngisho noma kwenzeka into owake wayibona (kwindlela yokudlala), izinto zivame ukushintsha ngezinye izikhathi.
“Ngakho-ke, sizovele sidlale ngendlela yethu, bese silungisa lapho kudingeka khona,” kusho uMalesela ngokwe-iDiski Times.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-59 ubuyele kwiGallants okwesithathu ngesikhathi uDylan Kerr esula isigubhukane ngoJulayi.
UMalesela uqophe umlando neTS Galaxy ngo-2019 ngesikhathi ehlula iKaizer Chiefs kowamanqamu weNedbank Cup.
IRockets yahlula Amakhosi ngo 1-0, aba yiqembu lokuqala leMotspe Foundation Championship ukunqoba lo mqhudelwano.
UMalesela uthi uwenzile umsebenzi wokuqoqa ulwazi ngamaqhinga eKaizer Chiefs ngaphansi kukaNabi.
OLUNYE UDABA: Luzwa olunye kwiRoyal AM kuhlela olwecala
Umdlalo wangoMgqibelo uzosibonisa ukuthi ngabe uwenze kahle yini lowo msebenzi noma uzoba yisitebhisi sikaNabi sokwakha ukuzethemba kuMakhosi.
